Uchomele ababekusola ukuqashwa kwakhe, wathi usengu ‘Makhathini ibutho likaZulu’ uMcCarthy

Benni McCarthy of AmaZulu FC
UBenni McCarthy
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Bekuqhilika izihlathi kumqeqeshi waMaZulu FC, uBenni McCarthy ngemuva kokuba llei qembu lakhe liqinisekise ukuthi liqeda endaweni yesibili kwiDStv Premiership.

Usuthu lushaye iSwallows FC ngo 1-0 ukuze lube namaphuzu angu-53. Lokhu kusho ukuthi alikho elinye iqembu phakathi kwe-Orlando Pirates esendaweni yesithathu neGolden Arrows ekweyesine elizofika kulesi sibalo samaphuzu.

Ukuqeda endaweni yesibili kufaka AmaZulu emidlalweni yeCAF Champions League ngesizini ezayo ihambisana nompetha beligi, iMamelodi Sundowns. Elizoqeda endaweni yesithathu lona lizohambisana neTshakhuma Tsha Madzivhandila kwiCAF Confederation Cup.

“Ngibajabulele kakhulu abadlali ngoba bebezinikele isizini yonke. Ngiyazi abantu bebethi ngoba asiwinanga emidlalweni emibili edlule sesiwulahlile ungqigqo. Kodwa besikade singahlulwanga imidlalo engu-16 kulandelana,” kusho uMcCarthy ngemuva komdlalo.

“Ngakho bekuvele kuzofika isikhathi la sihluwla khona. Umpetha ukalwa ngokuthi uvuka kanjani azithintithe abheke phambilii. Nathi sivike ngeqembu elinzima ebelisadliwe kanye kule sizini.

“Silidlalise salikhipha inkani. Siyawamukela lo mphumela usinika amaphuzu amathathu ebesiwadinga. Asisakhathazekile ngoba abangemuva kwethu sebezolwela indawo yesithathu.

“Okubalulekile wukuthi imidlalo yeChampions League iza KwaZulu-Natala ngesizini ezayo. Ngiyaziqhenya ngabadlali, abaqeqeshi nabo bonke abantu abaseqenjini.

“Le nkundla siyenze isizinda la singadedeli lutho khona, futhi ngethemba ukuthi sizoqhubeka nalokho. Ngiyazi kusasele umdlalo owodwa, kodwa sesikufezile ebesikufuna.

“Ngesikhathi ngifika lapha umengameli weqembu (uSandile Zungu) wathi ufuna siqede emaqenjini amane aphezulu. Abanye babecabanga ukuthi uyaziphuphela  nje.

“Abanye babethi ayikho into yami, ngiphakanyiswa mahala nje. Babethi ngaxoshwa kwiCape Town City, ngifuna ukubabuza manje ukuthi ubani ohlekayo?” kusho uMcCarthy.

Ingxoxo yakhe nabethelevishini yona uyiphethe ngokuzincoma wathi manje usenguBenni Makhathini, ibutho lakwaZulu.
Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe.com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.