Ucikwe wukuklolodelwa ngunompempe uNcikazi we-Arrows

UReeve Frosler, Kearyn Baccus noPule Moodi
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Ayihlalanga kahle kuMandla Ncikazi impendulo ayithole kunommpempe eqeda kubancisha iphenathi emdlalweni weDStv Premiership abehlulwe kuwo yiKaizer Chiefs ngo 3-2.

“Angiyena umuntu othanda ukukhalaza njalo. Futhi angifuni kube sengathi ngifiphaza ukuwina kweChiefs – beyikufanele ukuwina ngoba idlale kahle futhi yawasebenzisa amathuba ayo,” kusho uNcikazi ngemuva komdlalo.

“Kodwa angiyizwisanga kahle impendulo kanompempe uma ethi uma kuphinda kwenzeka umdlali ebhudubezwa ngaleya ndlela ngaphakathi ebhokisini uzoyibeka iphenathi…

“Thina singabaqeqeshi siphelelwa wumsebenzi ngenxa yamaphutha anjena. Uma sewulenzile iphutha, livume. Ungalokhu uphika uzama ukuziveza sengathi wenze kahle ube ubedile,” kusho uNcikazi.

Ukube uyibekile le phenathi unompempe, mhalwumbe ngabe kukhulunywa ukuthi iphume nalo iphuzu elilodwa i-Arrows kulo mdlalo. Nokho nangale kwalokhu kubanjwa ngophondo ngunompempe, Abafana Bes’thende nabo bawayekile amanye amathuba.

Echaza ngalokhu, uNcikazi uthe: “Yinto esizamayo ukuyilungisa leyo (ukuyeka amathuba alula). Kodwa noma ungayizama ejimini – njengoba sihlale senza – kuyenzeka ingasebenzi enkundleni. Kodwa sizoqhubeka sizame.”

Uveze nokuthi abanankinga nokuphuthwa yithuba lokuyodlala kwiCAF ngoba vele abebezibekele khona wukuthi baqede besemaqenjini aphezulu kwilogi. Bakwenzile ke lokhu, futhi baphule namarekhodi amaningi kule sizini.

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *