UComitis uthi uyaqhubeka umdlalo weCity neChiefs

UComitis uthi uyaqhubeka umdlalo weCity neChiefs
Abadlali beCape Town City
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter 

Usihlalo weCape Town City uthi ngokwazi kwakhe sichithiwe isicelo seKaizer Chiefs sokuhlehliselwa imidlalo.

IChiefs beyinxuse iPSL ukuba iyihoxise yonke imidlalo yayo esele kule nyanga kulandela ukubheduka kweCovid-19 eqenjini.

Bangu-31 abatholakale beneCovid-19 ekhempini yeChiefs okubalwa kubo abasethimbeni labaqeqeshi, abadlali nabanye abasebenza emahhovisi kodwa abasondelene neqembu.

UComitis uthi ngokwazi kwakhe iPSL isheshe yayiphendula iChiefs iyitshela ukuthi lokhu ekucelayo ngeke kwenzeke.

Ngaleso sikhathi iCity beyivele isifikile eGoli futhi izilungiselele ukubangisa eFNB Stadium ngoMgqobelo kusihlwa la lo mdlalo kumele udlalwe khona.

“Ngicabanga ukuthi iqondile le ndaba,” kusho uComitis kwabeSowetanLive ngale mpicabadala.

“Umdlalo awuhlehlisiwe ngokusemthethweni yiPSL futhi thina sizobe sikhona kulo mdlalo.”

Isigungu esuphezulu sePSL besinomhlangano ngoLwesihlanu la lolu daba lweChiefs lungenile ezithebeni.

FUNDA NALA: IChiefs iyagoloza ukuqhubeka nemidlalo yayo

UComitis uthi isiqnumo salo bese sivele sithathiwe ngaphambi kokuba luze ludingidwe kulesi sigungu ayilungu laso.

“Kuxoxiwe ngalolo daba… Zibhekiwe nezimo ezihambisana nalo kodwa ngeshwa lokho kuyimfihlo engafanele ifike emphakathini.

“Kodwa akuzange kuvunyelwane neChiefs esicelweni sayo sokuba umdlalo uhlehliswe,” kusho lesi sikhulu.

NgoLwesihlanu kusihlwa iChiefs imemezele ukuthi yona ngeke iye kulo mdlalo.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *