Uconsa amathe ngesibabuli abeshoda ngaso umqeqeshi wePirates

Uconsa amathe ngesibabuli abeshoda ngaso umqeqeshi wePirates
UJose Riveiro
Sbongs Gumbi

Umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro uthi ubaba ulele kwabo ngesibabuli somgadli asithengelwe ngosuku lokugcina lokusayinwa kwabadlali.

UJose uthi uKermit Erasmus wumdlali onamava futhi okulungele ukudlala. Lokhu kwenza kucace ukuthi ngeke achithe sikhathi ngaphambi kokudlalisa lo mgadli.

IPirates izobhekana neqembu lika-Erasmus lakudala iMamelodi Sundowns emdlalweni womlenze wokuqala kweyandulela owamanqamu kwiMTN8 ngoMgqibelo e-Orlando Stadium.

“Sengithole umdlali onamava. Uhlakaniphile futhi uziphathisa okomdlali wasezingeni elikhokhelayo futhi ufithi ngendlela egculisayo.

“Lokho kungitshela ukuthi ubezinakekele,” kusho uRiveiro. Nokho uphinde waveza ukuthi kungenzeka angasheshi ukumfaka eqenjini eliqala imidlalo.

“Ukulungele ukudlala nokujima, kodwa ke kuzothatha isikhathi ngoba usenezinsukwana nje efikile eqenjini lethu.

Usahlangane isikhashana nje nozakwabo futhi usafunda amacebo nezindlela esenza ngazo izinto. Ngakho kuzodinga sibe nesineke.

“Ngeke sizilibazise ngokubheka umlando wakhe. Ngeke siziake ngokuthi wake walenzelani iqembu kodwa sibheke azokwenza manje.

FUNDA NALA: Banqabe ukushiya kwiSundowns becabangela amaphakethe

“Sidinga ukuba nesineke nokuqondisisa ukuthi usanda kufika futhi usajime kathathu noma kane neqembu.

“Kodwa ithemba likhona lokuthi uzosisiza mazude nje. Sidinga wonke umdlali okhona ngoba siyakwazi okusihlalele.

“Sinemidlalo emihlanu yeligi neyandulela owamanqamu emibili ngo-Okthoba. Yimidlalo eshukumisa igazi yingakho sizodinga wonke imdlali okhona eqenjini.

“Amava kaKermit kwiligi yakuleli naphesheya kwezilwandle azosisiza kakhulu. Ngibona umdlali ozothatha amehlo, nakanjani,” kusho lo mqeqeshi.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *