UDa Gama ujabule ngokubuya nephuzu e-Orlando

Sihle Ndlovu

U-Owen da Gama oqeqesha iTS Galaxy uthi ukujabulele kakhulu ukuthola iphuzu bebhekene ne-Orlando Stadium, emdlalweni weDStv Premiership, e-Orlando Stadium ngoMgqibelo.

EzikaDa Gama zike zalandela ngemuva ngo 1-0 kulo mdlalo ogcine uphele ngo 1-1.

“Bekungumdlalo onzima kakhulu kithina, iPirates iyiqembu elikhulu kakhulu elinamava amakhulu. Ukuza e-Orlando Stadium sibuye nephuzu yinto enkulu kubafana bami, ikakhulukazi uma unengcindezi endaweni okuyona,” kusho uDa Gama.

“Ngezinye izikhathi sibe nenhlanhla, iPirates ibibuye idlale kahle kakhulu emdlalweni. Ngicabanga ukuthi izigameko ezithile bezingawela ohlangothini lwethu, ikakhulukazi uma kunoMbatha ebhokisini. Kodwa yibholake lelo, bengijabulile nje ngokuhleleka kweqembu. Nokho kumele banconywe abadlali futhi sizoqhubeka nokusebenza kanzima nokunika abadlali abasebancane ithuba.”

Ebuzwa ukuthi ubona iqembu lihamba kahle yini njengoba seliqoqe amaphuzu amane emidlalweni emibili, uDa Gama uthe kusamele baqaphele ngoba ibhola liyagingqika.

“Lona ngumdlalo ongeke uwuqonde. Ngicabanga ukuthi mkhulu kakhulu umsebenzi ophambi kwethu osihlalele. Sizoqhubeka size siphume esimeni esikusona. Inkulu ingcindezi eqenjini kodwa kumele sisukume njengamadoda sisebenze kanzima. Iseyinde kakhulu indlela okumele siyihambe,” kuchaza uDa Gama.

IGalaxy uzobhekana neBlack Leopards emdlalweni olandelayo weligi. UDa Gama wazi kahle ukuthi lo mdlalo uzoba nzima kakhulu ngoba nayo ilwela ukusuka ezembeni.

“Sifuna ukukufaka kujwayeleke eqenjini ukuthi alikho iqembu elincane nelikhulu. Ngicabanga ukuthi umdlalo esizowudlala neLeopards uzobe unzima kakhulu. Nabo bafuna ukusuka esimeni abakusona. Le midlalo edlalwa namaqembu asemsileni ihlale inzima ngoba uyazama ukuqonda ukuthi badlala kanjani, uthole ukuthi umqeqeshi usehambile. Asazi nokuthi yini uSeema asihlelela yona,” kuphetha uDa Gama.

 

 

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.