UDa Gama ujabule ukuthi icebo labo lisebenzile bebamba iChiefs

UDa Gama ujabule ukuthi icebo labo lisebenzile bebamba iChiefs
UTshegofatso Nyama noSifiso Hlanti
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Useveze iqhinga abebenalo lokuyithulisa nya iKaizer Chiefs umqeqeshi weTS Galaxy u-Owen da Gama.

La maqembu abambane ngo 0-0 emdlalweni weDStv Premiership eMbombela Stadium ngeSonto ntambama.

Nokho okucace kakhulu kulo mdlalo ukuthi iChiefs ibingadlali ibhola elihle futhi ihluleka ukuhlasela noma ukukhahlelela ipali.

Umdlalo wonke ikwaze ukubuza kunozinti weqembu lasekhaya kanye vo ngesikhathi uSamir Nurkovic engqofa ibhola ngesiwombe sokuqala.

“Besihlele ukuyivala emabholeni asemoyeni, ama-free kick nokugoba amabhola esuka ezimpondweni.

“USifiso Hlanti uyena oqhamuka kwesokunxele kanti kwesokudla ophondweni bekukhona uNjabulo Blom.

“Lokhu bekucacile, bese uBernard Parker angene ngaphakathi lapho bekukhona noKhama Billiat,” kusho uDa Gama.

“Ngicabanga ukuthi ngendlela ebesihlele ngayo senze kahle kakhulu. Sibenze bangakwazi ukugoba ibhola kalula, sabaphoqa ukuthi badlalele ngakwesokudla.

“Ngicabanga ukuthi lokhu kusebenzile ngezinye izikhathi.” UDa Gama akakhali kakhulu ngokuthola iphuzu elilodwa kulo mdlalo.

Kodwa uthe uphoxeke kakhulu ngendlela abahluleke ngayo ukusebenzisa ibhola uma behlasela. “Ngiphoxekile ngabagadli bethu.

“Ngicabanga ukuthi silahlekelwe amabhola amaningi abeya phambili kungenasidingo. Kuyinto engeyinhle kodwa sizozama ukusebenza kulokho,” kusho uDa Gama.

“Nokho mayelana nendlela esiwuthathe ngayo wonke umdlalo, ngicabanga ukuthi abadlali benze kahle kakhulu namuhla.

FUNDA NALA: IWestern Porivince ilengela ehlazweni elibi kwiCurrie Cup

“Siphoxekile ngokudlala ngokulingana. Um usekhaya uzama ngayo yonke indlela ukuwina. Kodwa bona (iChiefs) bese bedlale imidlalo emibili ngaphambi kwalona.

“Thina bekungowokuqala. Bekumele siqaphele kakhulu kulo mdlalo wokuqala.” IGalaxy izovakashela iStellenbosch FC emdlalweni wesibili wePremiership eDanie Crave Stadium ngoLwesithathu.

IChiefs yona izokwamukela iBaroka FC eFNB Stadium ngalo oLwesithathu. Umqeqeshi weChiefs, uStuart Baxter naye uwamukele umphumela womdlalo wabo neTS Galaxy.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.