Udaba lweChiefs lungase eluphinde luhlehliswe, kusho uMajavu wePSL

Udaba lweChiefs lungase eluphinde luhlehliswe, kusho uMajavu wePSL
OkaDonga Gumbi

Umshushisi wePremier Soccer League (PSL) uZola Majavu usekuqinisekisile ukuthi udaba lweKaizer Chiefs lokungayi emidlalweni yayo emibili ngoDisemba luzolalelwa ngoLwesihlanu.

Nokho ukuvezile ukuthi lolu daba kungenzeka luphinde luhlehliswe kwazise kusamele lungene nakumehluleli weSafa oluhlehlisile naye ngoFebhuwari 9.  

Amakhosi abizelwa ekomidini lePSL eliqondisa izigwegwe kulandela ukungayi emidlalweni yawo emibili – oweCape Town City ngoDisemba 12 noweGolden Arrows ngoDisemba 15. 

“Udaba lweKaizer Chiefs luzongena esigungwini esiqondisa izigwegwe ngomhla ka-25 kuFebhuwari 2022 okungenzeka lapho luhlehliselwe olunye usuku ngenxa yokuthi umehluleli akakaluphothuli.

FUNDA NALA: U-Ellis uchazekile ezakhe zingena ngehubo kwi-Women Africa Cup of Nations

“Kodwa ke lolu daba lusazodingidwa esigungwini sokuqondisa izigwegwe sePSL okuyiso ke esiyobe sesikhipha umyalelo ngokumele kwenzeke ngalo,” kusho uMajavu.    

Uphinde waveza ukuthi kunamaqembu amane adlala ezigabeni zePSL asexwayisiwe kulandela ukutholakala kokuthi awayilandeli ngokugcwele imigomo ebekelwe ukuvimbela ukubhebhetheka kweCovid-19. 

“Kunamaqembu amane asethunyelelwe izincwadi zokuwaxwayisa ngokuhluleka kwawo ukugcina imigomo yeCovid-19.

“Yize engahlawuliswanga okwamanje, lolu daba lwawo silubone libucayi ngendlela yokuthi kumele siwaxwayise lamaqembu ngalokhu ukuze uma ekuphinda ngokuzayo athathelwe izinyathelo,” kuchaza uMajavu.

Akazange awadalule ukuthi yimaphi la maqembu. Uphinde waveza ukuthi iChippa United izobhekana nekomidi eliqondisa izigwegwe kulandela ukusebenzisa kwayo umdlali ongafanele kwiDStv Diski Challenge.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.