Udaba lweChiefs luphinde lwahlehla, kodwa luzophothulwa: owePSL

Udaba lweChiefs luphinde lwahlehla, kodwa luzophothulwa: owePSL
UZola Majavu
OkaDonga Gumbi

Umshushishi wekomidi eliqondisa izigwegwe kwiPremier Soccer League (PSL) uZola Majavu usekugcizelele ukuthi udaba lweKaizer Chiefs luzosonjululwa ingakapheli isizini.

Lolu daba luhlehlisiwe ekomidini le PSL ngoLwesihlanu. IChiefs ibekwe icala kulandela ukungaphumeleli kwayo emidlaweni yayo emibili yeDStv Premiership ngoDisemba.

Yabeka isizathu sokuthi ihlaselwe yiCovid-19 eyathi kwenza kube nzima kuyo ukuthi ingaqhubeka nemidlalo njengoba babengaphezu kuka-30 ababehaqekile.

Nokho kuzokhumbuleka ukuthi amaqembu ePSL asayina umthetho wokuthi ngeke kusetshenziswe izizathu zeCovid-19 ukuhlehlisa noma ukuyeka umdlalo.

“Izinto zime kanje njengamanje ngalolu daba. Ikomidi lePSL lithole isicelo sokuthi lumiswe loludaba kuze kuphume isinqumo sikamahluleli ozoluhlalela ngomhla ka-15 no-16 kuMashi 2022,” kusho uMajavu.

“Kungenzeka ke isinqumo sikamahluleli sibe yisiphetho salolu daba. Noma ke uma kwenzeka umahluleli eyilahla iChiefs kuyobe sekuvuleka indlela yokuthi ikomidi liluhlalele aphandle kokuphazamiseka lolu daba.

UMajavu ube esecacisa nangokuzokwenzeka ngalo daba ebheka zombili izinhlangothi; olokuthi umahluleli avune iChiefs noma ayilahle.

“Ukucacisa nje, ikomidi lePSL selinqume ukuthi lolu daba kuhlehliselwe izinsuku ezizolandelana phakathi komhla ka-28 kuMashi nomhla ka-1 ku-Ephreli. 

“Izinsuku okuyizo oluzohlalelwa ngazo luzokhishwa yimi njengomshushisi ngokuxhumana nozakwethu omele iChiefs uma sekuphume isinqumo sikamahluleli.  

“Uma kwenzeka ukuthi isinqumo sikamahluleli sivuna iChiefs, lokho kobe sekusho ukuphela kwalo lolu daba ngoba isinqumo sikamahluleli singujuqu futhi asiphikiswa. 

“Nokho uma kwenzeka siyilahla iChiefs udaba luyobe seluqhubeka luye ekutheni ikomidi likhiphe isigwebo esifanele ngokulandela imigomo ebekiwe.

“Ukusuka lapho ke sekungaba sekutheni iChiefs iyasamukela isigwebo noma ithatha izinyathelo zokuludlulisela phambili. 

FUNDA NALA: UMokwena uchazekile ngakubona kubadlali beSundowns ejimini

“Njengamanje angifuni ukuqagela ukuthi isinqumo sikamahluleli sizovuna bani. Bengicacisa ukuze nibe nokuqonda okugcwele ngokusebenza kohlelo lwethu lobulungiswa ukuze kuphele ukuqagula. 

“Udaba lusetshenzwa ngendlela efanele. Akukho ukubambezela ngamabomu okwenzekayo kulo. Nginganiqinisekisa ukuthi luzophothuwa ngokuphelele ngaphambi kokusongwa kwale sizini esikuyo.

“Kodwa ke kubalulekile ukuthi sihloniphe amalungelo alabo abathintekayo kulolu daba nohlelo lwalo. Uma singakwenzi lokho, singagcina sesilumosha okuyinto okungafanele yenzeke.  

“Mina ngiyaqinisekisa ukuthi ngizonazisa ngakho konke okwenzekayo kulolu daba. Ngicela ke sinikwe isikhathi sokwenza lokhu esikwaziyo. Ngiyabonga ngokusibekezela nokuqonda kwenu.” 

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.