UDavids uthi iPirates ivuka umbhejazane emaqenjini asenhla ye-Afrika

UDavids uthi iPirates ivuka umbhejazane emaqenjini asenhla ye-Afrika
OkaDonga Gumbi

Umqeqeshi we-Orlando Pirates uFadlu Davids uthi iqembu labo liyakwazi ukuvuka umbhejazane, lilwe uma libhekene namaqembu asenhla ye-Afrika.

Ukusho lokhu nje iBucs imelwe wumqansa onzima njengoba izogadulisana ne-Al Ahly Tripoli yaseLibya ngeSonto kusihlwa.

Lo mdlalo womlenze wokuqala wesigaba semidlalo elandulela owamanqamu uzoba seMartyrs of February Stadium eTripoli.

“Sesibe nemidlalo emibili lapha – omunye sawudlala ngokulingana ne-Al Ahly Benghazi. Omunye sahlulwa yi-Al-Ittihad,” kusho uDavids.

“Kodwa kuyo yomibili imidlalo sadlala kahle. Umlando awusivuni ngokwemiphumela kodwa ngokokudlala kahle ungakithi.

“Uma singakhela phezu kwendlela esadlala ngayo cishe kukhona okungalunga. Sidlala kahle uma sibhekene namaqembu asenhla ne-Afrika.

FUNDA NALA: UMhango usejahe kuphele isizini ashiye kwiPirates

“Siyabaqonda indlela abadlala ngayo, abamosha ngayo isikhathi, abazama ukuthenga ngayo onompempe ngokuziwisa.

“Siyawazi wonke amaqhinga abo futhi siwalungiselele kahle.” Uma iPirates ingakwazi ukuthi okungenani idlale ngokulingana ngabe izibeke ethubeni elihle.

Phela sekuyiyo ethwele amathemba eNingizimu Afrika emiqhudelwaneni yeCaf njengoba iMamelodi Sundowns ebithenjiwe isale endleleni nje.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.