UDavids uthi sekuntwela ezansi kwiPirates

UDavids uthi sekuntwela ezansi kwiPirates
UCollins Makgaka noKwame Peprah
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Umqeqeshi we-Orlando Pirates uFadlu Davids uthi ujabule kakhulu ngendlela iqembu lakhe elicoboshise ngayo iStellenbosch FC emdlalweni weDStv Premiership ngoLwesithathu.

IBucs ibe yiqembu lokuqala ukushaya iStellies kule sizini ka-2021/22 ngesikhathi iyibhaxabula ngo 3-0 eDanie Craven Stadium.

Amagoli eZimnyama ashaywe uCollins Makgoba noDeon Hotto, ohlohle amabili.

“Ngijabule ngendlela esidlale ngayo ikakhulukazi emizuzwini engu-15 yokuqala.

“Vele yinto esihlale siyenza lena, siyaye sidlale kahle emizuzwini engu-30 yokuqala yomdlalo,” kusho uDavids.

“Umehluko namuhla ukuthi sikwazile ukushaya amagoli ngesikhathi sisadlala kahle, sihlasela.

“Ngineme kakhulu ngalokho ukuthi besingaphezulu, nokuthi umdlalo besiwuphethe iziwombe zombili.”

IBucs ibihlasela ngendlela efanayo emidlalweni edlule kodwa amagoli engavumi.

Ngabe kushintsheni ngesikhathi bebhaxabula iStellies?

“Besilokhu senza kahle uma sicindezela siwina amabhola ezindaweni ezinhle.

“Nokho besingakusebenzisi ngendlela lokho emidlalweni edlule.

“Kuhle ukuthi kulokhu siwine amabhola sase sishaya amagoli,” kusho uDavids.

Uncome indlela adlale ngokuzimisela ngayo uMakgaga okunguyena oshaye igoli lokuqala leZimnyama.

“UCollins ushaye into ecokeme kakhulu namuhla. Indlela abekhululeke ngayo nabephasela ngayo ozwakwabo ibiyinhle kakhulu.

FUNDA NALA: UBaxter umvikelile uCole Alexander ngekhadi elibomvu

“UHotto naye udlale kahle futhi bekumele simsebenzise ngendlela ekahle ukuze sibhodloze udonga lwezitha.

“Ijubane lakhe nokuphasa ibhola okuhle yikona okuholele ekutheni sithole igoli lokuqala.”

UDavids uthe kwehlise umthwalo ukuwina kubadlali njengoba imiphumele ibingavumi emidlalweni edlule.

“Bekubalulekile kubadlali ukuwina ngoba bebelokhu bedlala kahle kodwa singatholi imiphumela ebesiyifuna.

“Ngiyabajabulela kakhulu abadlali ukuthi ngemuva kokusebenza kanzima sithole amagoli amathathu,” kuphetha uDavids.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.