UDavids wePirates ufisa onompempe bagade oweChiefs ‘odayivayo’

UDavids wePirates ufisa onompempe bengenzeleli kowomkhaya
UFadlu Davids
OKaDonga Gumbi

UFadlu Davids we-Orlando Pirates ukhala ngokuthi kunomdlali weKaizer Chiefs owa sengathi udutshuliwe ngisho ungamphephetha.

Yingakho ke lo mqeqeshi efisa ukuthi onompempe abazophatha umdlalo walamaqembu ngoMgqibelo ntambama e-Orlando Stadium babe sezingeni futhi bengenzeleli.

Egcina ukuhlangana lamaqembu iChiefs yabekelwa iphenathi engebenelisanga abePirates kulandela ukuwiswa kukaKhama Billiat ebhokisini.

“Nginethemba lokuthi ngeke kube namaphenathi angacacile kulokhu. Izinqumo kumele zicace futhi zingenzeleli,” kusho uDavids ngaphambi kwalo mdlalo.

“Ngibuzwe ngendaba kaBilliat. Kodwa sonke siyamazi uBillita. Ungumdlali okuthi uma uke wamthinta nje, noma kancane kangakanani awe.

“Uyakwazi ukuzenzisa, udayisa sengathi ukuma-Olympics,” kuchaza lo mqeqeshi ngalesi sigameko okubonakala sisa mkhathaza namanje.

FUNDA NALA: UTovey ubalisa ngokushoda kwabalandeli kwidabhi yaseSoweto

“Ngifisa onompempe bawenze kahle umsebenzi kulokhu, bazi ukuthi kukhona ababheke ukuthi bathintwa nje ebhokisini bayawa bese iPirates idliwa ngephenathi.

“Siyakwazi okumele sikulindele, ikakhulukazi uma sibhekene neChiefs, ikakhulukazi uBilliat. Kukhona okuhle esakubona esakwenza kwidabhi yokugcina esayidlala.

“Sangenelwa yigoli ngimzuzu wokugcina. KOdwa indlela esadlala ngayo, siwuphethe umdlalo yaba yinhle kakhulu. Yilokho okuhle esaphuma nakho.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.