MTHOKOZISI MNCUSENI
Kunesizathu ukuthi i-ES Setif yase-Algeria iqoke i-Ohene Djan Sports Stadium ukuthi idlalele khona ne-Orlando Pirates emdlalweni kaGroup A kwiCAF Confederation Cup, ngokubona kukaFadlu Davids.
IBucs iqala le midlalo nje, iyona ethwelwe ngeqoma lapho ibhekene khona neSetif kozodlalelwa e-Accra, eGhana ngoLwesithathu ngo-9 ebusuku.
Amanye amaqembu akhona kuleli qoqo leConfed Cup, yi-Enyimba yaseNigeria ne-Al Ahli yaseLibya.
Ngenxa yesizathu esesiqala ukujwayeleka emazweni ase-Afrika, iPirates itshelwe isekuleli ukuthi ingalokothi ilubhade e-Algeria ngoba hleze ifike neCovid-19 esikhonjwa kakhulu kuleli.
Iphini lomqeqeshi kwiBucs, uDavids uthi iSetif iqome ukuthi kudlalelwe kule nkundla ngoba iyijwayele.
“Ungaze uzitshele ukuthi kudlalelwa enkundleni engavuni muntu kodwa iqiniso ukuthi iSetif ijwayele lapha ngoba ike idlalele khona ne-Asante Kotoko.
“Silindele umdlalo onzima nokho ngoba e-Algeria ibona abazihola phambili kwilogi kodwa le ndlela ende kangaka esiyihambile ngeke sivume kube eyamahhala,” kusho lo mqeqeshi.
Okunzima kakhulu ukuthi ezikaDavids zizothi zibuya nje kulo mthwalo wohambo lwaseGhana kanjalo nobunzima bomdlalo, iMamelodi Sundowns izobe ibalindile kwiNedbank Cup ngeSonto.
“Siyajwayela la sikhona. Sesibacubungule kahle ngakho siwulindele umdlalo nakho konke okuza nawo. Sizele amaphuzu akukho okunye bese sibuyela ekhaya,” kuqhuba lo mqeqeshi.
Bazothi beqeda kwiNedbank kulandele umdlalo ne-Enyimba (ekhaya ngoMashi 17). Uzothi uma uphela lo mdlalo weConfed bese kufika iSoweto Derby engoMashi 21.
Email: mthokozisi@impempe.com
Twitter: @MthokozMncuseni
Facebook:Impempe SA