UDe Kock usejike ukucabanga ngokuguqa kumaProteas

UDe Kock usejike ukucabanga ngokuguqa kumaProteas
UQuinton de Kock
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Umdlali wamaProteas, uQuinton de Kock, uthi akanankinga nokuguqa yena kodwa ubengafuni ukutshelwa ukuthi akenze lokho.

Lo mdlali usematheni kulezi zinsuku kulandela ukungadlali kwakhe amaProteas ebhekene neWest Indies ngoLwesibili.

UDe Kock ucele ukungawudlali lo mdlalo ngoba engayizwa eyokuthi aguqe njengophawu lokulwisana nokucwasa ngokobuhlanga ngaphambi komdlalo.

Lo mdlalo weNdebe yoMhlaba yeT20 ugcine uwinwe yiNingizimu Afrika ngamawikhethi ayisishiyagalombili.

“ICricket South Africa (CSA) bekumele icacise ngalokhu ngaphambi kokuthi kuqale iNdebe yoMhlaba,” kusho uDe Kock ngoLwesine.

Usihlalo webhodi weCAS uLawson Naidoo uchazile ukuthi kungani bethathe isinqumo sokuthi abadlali bamaProteas benze lokhu okwenziwa amanye amaqembu kwiNdebe yoMhlaba, yize lokhu bekwenze ngaphambi komdlalo neWest Indies.

“Sinqume ukuthi amaProteas abambe iqhaza ekulweni nokucwasa ngoba wonke amaqembu enza okufanayo emhlabeni.

“Silindele ukuthi iqembu elimele iNingizimu Afrika njengamaProteas lenze okufanayo,” kusho uNaidoo ekhuluma neNewsRoom Afrika.

“Esikubonile ukuthi abadlali (bamaProteas) bebenza ngezindlela ezehlukile ikakhulukazi sibhekene ne-Australia.

“Sicabange ukuthi akuyona indlela okumele senze ngayo lena, sibe sesikhipha umyalelo ukuthi kumele benze into efanayo.”

UNaidoo uvumile ukuthi bathathe isinqumo esinzima ngesikhathi esifushane “futhi besazi ukuthi sinomdlalo obalulekile neWest Indies.”

FUNDA NALA: UKatsande uthi ithalente lakhe liyizbhizinisi kuye

Kuvele ukuthi abadlali bakuthole ekuseni ngosuku lomdlalo ukuthi kumele bahlabe phansi ngedolo ngaphambi kwayo yonke imidlalo yeNdebe yoMhlaba abazoyidlala.

Kulaphoke uDe Kock ekhethe ukungasabi yingxenye yeqembu ngoba engahambisani nalokhu.

Lo mdlali uxolisile eqenjini nakubalandeli. Uthe kumphatha kabi ukuthi abantu bacabanga ukuthi uyacwasa noma uyabandlulula, ngenxa nje yokungatholani okuncane, ngoba akanjalo.

Uveze ukuthi ukulungele ukudlala emdlalweni olandelayo abazowudlala neSri Lanka ngoMgqibelo, nayo yonke imidlalo yeNdebe yoMhlaba esele.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.