UDe Ligt uyazisola ngokuhlinzela iNetherlands ezibini kwi-EURO

UDe Ligt uyazisola ngokuhlinzela iNetherlands ezibini kwi-EURO
UMatthijs de Ligt
UDABA: Mhlengi Josta Cele
ISITHOMBE: Twitter

UMatthijs de Ligt uyavuma ukuthi ube nesandla ekwehlulekeni kweNetherlands ukuqhubekela phambili kwi-Euro 2020. Lo mdlali ukhishwe ngekhadi elibomvu behlulwa yiCzech Republic ngo 2-0 ngeSonto ebusuku.

Lesi sitobha seJuventus sithole ikhadi elibomvu ngemuva kwemizuzu elishumi kubuyiwe ekhefini. IVAR ithole ukuthi uDe Ligt ubambe ngesandla ibhola ngenhloso okuvimbele uPatrik Schick ithuba lokushaya igoli ebelizobeka iCzech Republic phambili.

Amagoli kaTomas naye uSchick oshaye igoli lakhe lesine kulo mqhudelwano aqinisekise ukuthi ezikaJaroslav Silhavy zizodlala neDenmark kuma-quarter-finals eBaku ngoMngqibelo.

INetherlands ihluleke yancama ukudlala into esile kulo mdlalo. EzikaFrank de Boer zibe yiqembu lokuqala lamaDutch kusukela ku-1980 ukudlala umdlalo weNdebe yoMhlaba noma wama-Euros ngaphandle kokuba nebhola abalikhahlele laqonda epalini.

Kodwa iphutha likaDe Ligt lokuyeka ibhola libhampe phambi kwakhe, nokuphoqe ukuthi alibambe ngesandla ngemuva kwalokho ikhona okufake amanzi endlini kwiNetherlands.

“Kungiphatha kabi kakhulu okwenzekile. Sihlulwe ngenxa yephutha lami. Uma sengibuka kahle bekufanele ngiliyeke ibhola libhampe.” kusho uDe Ligt kwabeNOS ngemuva komdlalo.

“Leli phutha lami lishintshe umdlalo. Ngilibonile iqembu lami lilwa ngemizuzu yokugcina, ngiyaziqhenya ngalokho, kodwa ngibenzele phansi.

“Sibenawo amathuba ngesiwombe sokuqala, yebo khona sihlulekile ukukhahlela amabhola aqonde epalini kodwa siwakhile amathuba. Angicabangi ukuthi bebengcono kunathi.

“Lokhu kubuhlungu kakhulu, ukudlala kule ndebe kuyithuba elingandele bani, ukuphuma kuyo kuba buhlungu ngendlela engachazeki.”

FUNDA NALA: ULamati usefuna ukuhlanganisa izicoco manje

Umdlali wasesiswini weNetherlands, uFrenkie de Jong yena uthuswa yindlela abehlise ngayo izinga kulo mdlalo abaye kuwo beyinqobe yonke imidlalo emithathu esigabeni samaqoqo.

“Bekubukeka sengathi besikhathele, kodwa angazi ukuthi bekwenziwa yini lokho,” kusho lo mdlali weBarcelona. “Besifisa ngempela ukunqoba. Kwabanye abafana eqenjini lo mdlalo ubumkhulu kunayo yonke abake bayidlala phambilini.

“Besizimisele futhi besinayo indlela yokudlala kodwa konke akusihambelanga kahle. Izinsuku ezinjengalezi ziyafika ebholeni.”

EMAIL: Editor@impempe.com TWITTER: @impempe_com FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.