UDe Reuck ubonga ukwesekwa, uthi umdlalo waphekwa

UDe Reuck ubonga ukwesekwa, uthi umdlalo waphekwa
URushine De Reuck
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter 

Uthi kusaqaqamba inhliziyo namanje uRushine De Reuck owajajwa ukuthi uwise umdlali weGhana ngeSonto.

Lesi sehlakalo esenzeka esiwombeni sokuqala yiso esaphetha ngegoli iGhana eyadlula ngalo kwiBafana Bafana.

Senzeka emdlalweni obaluleke kakhulu wokuhlungela ukungena kwiNdebe yoMhlaba eCape Coast Stadium eGhana.

“Lezi zinsuku ezimbalwa ezedlule bezinzima kakhulu. Hhayi kimi nje kuphela kodwa kuwo wonke umuntu obefisa iBafana okuhle njengathi.

“Sazibeka endaweni enhle ekubeni akekho owayesibone singakwenz alokho,” usho kanje uDe Reuck ekhuluma nabezindaba ngoLwesithathu.

“Bekungumdlalo omkhulu futhi besazi ukuthi usho lukhulu kanjani ezweni lonke.

“Besizimisele futhi sikulungele ukubhekana namaqembu amakhulu emhlabeni. Kodwa ngabona sengathi ithuba lethu lokuthola umphumela omuhle kathathwa kithi.

FUNDA NALA: Wabulawa ngabantu ababethunyiwe uMeyiwa, kusho umseshi

“Izinqumo ezenziwa, kwaba sengathi yinto ebihleliwe ngaphambi komdlalo – kusukela konompempe kuya kubafana abagada amabhola.

“Emizuzwini eyishumi yokuqala sasesibona ukuthi akukho okuzosilungela kulo mdlalo. Saqhubeka kodwa salwa.

“Sasinawo amathuba okuthi singabuya emdlalweni kodwa sibanjwe ngophondo, asinikwanga ithuba elihle.

“Njengomdlali ngibona sifanelwe ukunikwa elinye ithuba. Kwasephula izinhliziyo, ukuhlulwa kwangibulala emoyeni.

“Ngifuna ukubonga abalandeli abebengeseka bengifaka umdlandla kulezi zinsuku ezimbalwa ezidlule,” kuchaza uDe Reuck.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.