OkaDonga Gumbi
Unyaka odlule ube nezinguquko ezinkulu empilweni yesitobha seMamelodi Sundowns uRushine De Reuck.
Lo mdlali oneminyaka engu-26 wajoyina iSundowns esuka kwiMaritzburg United la uhambo olude ayeluthatha uma beyodlala ngolusuka eMngungundlovu baye eLimpopo.
Kodwa manje usehlezi esendleleni eya emazweni ehlukene e-Afrika okuyinto eyenzeka kaningi impela futhi kwesinye isikhathi bahamba bayodlula e-Europe kuqala.
Akumxakile ke konke lokhu lo mdlali odabuka eKapa njengoba esezakhele igama ngendlela yokuthi abaqeqeshi ababanga nankinga yokudedela isiqongqwane uRicardo Nascimento ahambe.
Angithi phela bebazi ukuthi ukhona uDe Reuck odlala ngendlela efanayo noNascimento ekubeni yena usemncane, unomfutho ongconywana.
Kumanje uDe Reuck use-Egypt naMasandawana la bezohlala khona amaviki amabili njengoba benemidlalo emibili yeCaf Champions League kuleliya lizwe.
Owokuqala umdlalo uzoba ngoMgqibelo la bezogadulisana ne-El Merreick yaseSudan kodwa ezodlalela eCairo ngenxa yokungaphansi kwenkundla yayo yasekhaya ukuthi kudlalelwe kuyo imidlalo yeCaf.
“Ngilindele ukuthi kube wumdlalo la kuzoqina khona unyawo njengakulo we-Al-Hilal,” kusho yena kwabe-website yeSundowns.
ISundowns iwunqobile umdlalo wayo wokuqala esigabeni samaqoqo ishaya i-Al-Hilal nayo engeyaseSudan ngo 1-0 ngempelasonto edlule.
Lokhu kuyibeke phezulu kuGroup B kodwa lokho akusho lutho futhi uDe Reuck uthi kusazomele basebenze ukuze bafeze izifiso zabo.
“Kumele silungele noma yini futhi silwe ngayo yonke indlela. Siyazi ukuthi singabalimaza uma singalisebenzisa kahle ibhola bese siwasebenzisa anathuba esiwatholayo.
FUNDA NALA: Usuthu luwaqoqe aphelela amaphuzu lushaya iHoroya
Uthi indlela amaqemu adlala ngayo kwiChampions League ihleleke kangcono okwenza imidlalo indasindi kalula ngoba ibhola liyagcineka kanti nesivinini asisikhulu.
Kodwa lokho akusho ukuthi imidlalo ilula. “Ngicabanga ukuthi amaqembu adlala ngendlela ehleleke kangcono kwiChampions League.
“Lokhu kwenza imidlalo ibe lula kancane kodwa ke okubukeka kulula kuyenzeka kube yingozi kwesinye isikhathi ngakho kumele sihlezi siqaphile,” kuchaza uDe Reuck.
Ngemuva kwalo mdlalo, iSundowns izobe seyigadulisana ne-Al Ahly kaPitso Mosimane ngoLwesihlanu oluzayo emdlalweni wamagqubu.