UDe Reuck uthinteka kwamancane ngokubuya kwabalandeli koweBafana

UDe Reuck uthinteka kwamancane ngokubuya kwabalandeli koweBafana
URushine De Reuck
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Umdlali wasemuva weBafana Bafana uRushine De Reuck ukujabulele ukuthi bazodlala kukhona abalandeli uma sebebhekene ne-Ethiopia ngoLwesibili.

IBafana izogadulisana ne-Ethiopia emdlalweni womlenze wesibili kweyokuhlungena ukungena kwiNdebe yoMhlaba.

Leli qembu likaHugo Broos limangaze abaningi libuya nomphumela omuhle emlenzeni wasekuhambeni ngempelasonto.

Liyishaye ngo 3-1 kunzima i-Ethiopia okuyibeka endaweni enhle kakhulu yokuthi kugcine kuyiyo edlulela phambili iyoba yingxenye yamazwe amahlanu ase-Afrika eQatar ngonyaka ozayo.

Kulo mdlalo wangoLwesibili ozoba seFNB Stadium kuzovunyelwa abalandeli okokuqala kuleli kusukela kwabheduka iCovid-19 ukuba bawubuke bukhoma.

Kuqinisekiswe ngoMsombuluko ukuthi kuzodedelwa abalandeli abangu-2 000 ukuba bangene enkundleni.

Nokho kunemibandela kanti omkhulu kuyo owokuthi kumele kube ngabantu asegewuhlabile umjomo wokugomela iCovid-19.

FUNDA NALA: UBaxter unxenxa ukwesekwa ngabalandeli beChiefs

“Kwesinye isikhathi kuvele kube sengathi nizidlalela umdlalo wobungani nje,” kusho uDe Reuck ngokudlala kukhala ibhungezi esikhundleni sevuvuzela.

“Ukubuya kwabalandeli kuzosifaka ugqozi kakhulu… angikholwa ukuthi ukhona omunye umuzwa odlula lo esizowuthola ngokuthi kube nabalandeli.

“Sizozama ngayo yonke indlela ukuthi siwuwine lo mdlalo futhi sijabule kakhulu (ngokubuya kwabalandeli enkundleni).”

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.