UDe Sa noQuiroz basuka kude, yingakho bethembana nje

UDe Sa noQuiroza basuka kude, yingakho bethembana nje
URoger De Sa
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Ukuqashwa kukaRoger de Sa njengephini lomqeqeshi eqenjini lesizwe lase-Egypt kuhambisana nokutholana nomqeqeshi uCarlos Queiroz.

Lokhu kushiwo uqweqwe lomqeqeshi uZipho Dlangalala ngemuva kokuvela kwezindaba zokuthi uDe Sa uqhwetshwe uQuerioz ukuthi azomsiza ekucijeni i-Egypt.

Omunye umqeqeshi waseNingizimu Afrika ose-Egypt uPitso Mosimane ocija i-Al Ahly. Naye uMosimane uthe uma efika eGibhithe walanda uCavin Johnson ukuthi azomsiza.

Akagcinanga lapho njengoba ephinde waqhweba nomdlali uPercy Tau, osegijima kulona leli qembu.

Ebuzwa uDlangalala ukuthi ngabe i-Egypt yingoba ilithanda yini ibhola lakuleli njengoba iqhweba abaqeqeshi nje, uthe le nto inezindlela ezihlukile zokuyibuka.

“Kulula ukuchaza le nto. OkukaPitso kuhambisana namangwevu anawo kwezokuqeqesha. OkukaRoger kuhambisana nokuzwana ngokolimu noCarlos,” kusho uDlangalala.

UDlangalala useke wasebenza emaqenjini amaningi adlala kwiPremier Soccer League (PSL), ngakho unamava kakhulu kunobhutshuzwayo.

Lapha sibala iMamelodi Sundowns, Orlando Pirates, Chippa United, Royal Eagles, University of Pretoria neTS Galaxy.

“UCarlos wafika eNingizimu Afrika bakhuluma ulimu olulodwa noDe Sa, bakhonzana. Yikho nje emvusa phansi le kwiNFD emusa eqenjini lesizwe,” kugcizelela uDlangalala.

Laba baqeqeshi bazibe bengaqali ukusebenza ndawonye njengoba uDe Sa wake wamsiza vele uQuiroz ngesikhathi eqeqesha iPortugal kwiNdebe yoMhlaba kuleli ngo-2010.

FUNDA NALA: Kunuka ingxabano ngenkundla abafuna ukuyiphendula inxaxathela yezitolo

UDe Sa ubeqeqesha iCape Town All Stars edlala kwiGladAfrica Championship, okuthiwa ucele ukushiya isigubhukane kuyona.

Lo mqeqeshi useke wacija iPirates, Bidvest Wits, Santos, ne-Ajax Cape Town. Omunye umdlali oseke wadlala e-Egypt uPhakamani Mahlambi othe qu kwi-Al Ahly. Njengamanje udlalela iChippa United.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.