UDion udlulisele iGallants kwiLast 16 yeNedbank Cup

udion-udlulisele-igallants-kwilast-16-yenedbank-cup
Sihle Ndlovu

Amagoli amabili kaSede Dion iwona aweze iMarumo Gallants ngelibanzi ngesikhathi ishaya iSantos FC ngo 2-0 emdlalweni weNedbank Cup Last 32, ePeter Mokaba Stadium, ngeSonto.

IGallants, eqeqeshwa uDaniel “Dance” Malesela, ibizenzela nje kulo mdlalo. Nakuba kukhulunywa indaba ka 2-0 kubongwa ukuvimba kahle kukanozinti weSantos, uStanton Weir.

Bezithi zenzeka emapalini kaWeir ebe eziphumulele uWashington Aruba emapalini eGallants. Okuhlalukile ukuthi zize zaya ekhefini iSantos ingakaze ishaye into eqondile ebingavinjwa ngu-Arubi.

Ukudlala kahle kweGallants kuholele ekutheni uDion alibeke phakathi ngomzuzu ka-19 lahamba phambili iqembu lasekhaya. Akukho okutheni okwenziwe izivakashi ukukhombisa ukuthi zifuna igoli lokulinganisa.

FUNDA NALA: UJordaan uthi abalandeli ababuyele ezinkundleni manje

Ngesiwombe sesibili iGallants ibisalinyathela kahle yize neSantos ibikhombisa ukuvuka kancane emaqandeni. Nokho kuphinde konakala ngomzuzu ka-65 uDion eshaya igoli lesibili kwaba ngu 2-0.

Iwatholile amathuba okushaya igoli lomthoba nhliziyo ngasekugcineni iSantos kodwa kwagcina kungalunganga.

ISantos njengamanje iyibamba kwi-ABC Motsepe eKapa. Baningi abalandeli bebhola abazwakalise ukujabula ezinkunldeni ukubona leli qembu lidlala kwithelevishini okokuqala ngemuva kwesikhathi eside.

ISantos, eyayibuye yaziwe ngePeople’s Team ngezikhathi zakudala, ingelinye lamaqembu aseKapa ayehlonishwa ngesikhathi esayibamba kwiPremiership.

editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.