UDkt Molobi: izindaba ezinhle nezimbi kwiBafana ngeCovid-19

UDkt Molobi: izindaba ezinhle nezimbi kwiBafana ngeCovid-19
UDABA: ALfred Ngubane
ISITHOMBE: Twitter

Kube nezindaba ezinhle nezimbi kwiBafana Bafana ngesikhathi kuhlolelwa iCovid-19 ngoLwesine ekuseni. Lokhu kuvezwe wudokotela waleli qembu, uDkt Tshepo Molobi.

Ezinhle: umqeqeshi, uHelman Mkhalele nowonozinti, uLucky Shiburi sebebuyele eqenjini ngemuva kokuqeda izinsuku eziyishumi begonqile.

Laba bobabili bagonqa kulandela ukutholakala benaleli gciwane ngesikhathi behlolwa besanda kufika eGqeberha la iqembu lesizwe lidlala khona kwiCosafa Cup. Babuyele ejimini ngoLwesine ntambama.

Ezimbi: abanye ababili batholakale benaleli gciwane. Umdlali wasesiswini weTS Galaxy, uMasilake Phohlongo nosebenza ukubhucunga abadlali, uNhlanhla Ndlovu batholwe benaleli gciwane eliyingozi.

Bobabili sebeyalelwe ukuba bayogonqa nabo izinsuku ezilushumi. Lokhu kusho ukuthi uPhohlongo ngeke esadlala kulo mqhudelwano njengoba sewuvele uya ngasemaphethelweni nje.

Bekungokokuqala ebizelwe eqenjini lesizwe futhi ubezimisele ukuzibekisela indawo ukuze uma sekuqokwa elizodalal eyokuhlungela iNdebe yoMhlaba bangamlibali. Kodwa ke lokho akuselula manje.

“Kuyibhadi ukulahlekelwa ngabantu ababalulekile eqenjini kulesi sigaba somqhudelwano,” kusho uDkt Molobi. UDkt Molobi uthe yize bezama futhi benza konke okufanele, kodwa ayikho indlela yokuqinisekisa ukuthi leli gciwane alifiki.

“Sesihambe saze safika kulesi sigaba ngokubambisana. Nokho zikhona izinhlelo esekubobufakazi bokuthi ziyasebenza zokuqinisekisa ukuthi abanye abatheleleki futhi baphephile kuze kuphele umqhudelwano.

FUNDA NALA: UMokwena ucacise ngabasayinwe yiMamelodi Sundowns 

Labo asebethelelekile bazokwesekwa bathole nemishanguzo ezobasiza balwe naleli gciwane,” kuqhuba uDkt Molobi. IBafana isingene esigabeni semidlalo eyandulela owamanqamu kulo mqhudelwano.

EzikaMkhalele sezizobhekana neMozambique eNelson Mandela Bay Stadium ngoLwesihlanu ngo-5 ntambama. Lo mdlalo ngeke ube lula kodwa uma ingaqhubeka nefomu eyikhombise esigabeni samaqoqo ingahamba nayo le ndebe.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *