UDladla nomhlangano oshubile nabeSwallows kulandela isibhaxu esibi

UDladla nomhlangano oshubile nabeSwallows kulandela isibhaxu esibi
USurprise Ralani noJunaid Saait
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Umqeqeshi obambile kwiSwallows FC uSimo Dladla uthi uzohlala phansi nabadlali ukuze kuvulelwane izifuba ngezinkinga akholwa ukuthi zikhona eqenjini.

Lokhu kulandela ukwehlulwa kwabo akholwa wukuthi bekungafanele ngoLwesithathu kusihlwa besekhaya eDobsonville Stadium.

ISwallows ihlekiswe nezwe yiCape Town City eyishaye ngo 4-0 emdlalweni owandulela owamanqamu kwiMTN 8. 

“Ngiphoxekile ikakhulukazi ngendlela esidlale ngayo ngemizuzu emihlanu yokugcina esiwombeni sokuqala. 

“Nasesiwombeni sesibili bese siyinto engingayazi nje. Ngibone iqembu elihlukile ngemizuzu engu-40 yokuqala.

“Ngiphinde ngabona elinye iqembu ngemuva kwalokho,” kuchaza uDladla obanjiswe njenguma kokunikwa ikhefu kukaBrandon Truter.

“Nakanjani ngizohlala phansi nabadlali sizame ukukhuluma ngokwenzekile ngoba ngicabanga ukuthi kunenkinga okumele siyibeke etafuleni siyidingide.

“Angikholwa wukuthi laba badlali abakwazi ukwenza umsebenzi wabo kodwa kukhona into evele yabasuka nje base benquma ukuyeka ukudlala.  

“Indlela ebesithatha ngayo izinqumo ibisolisa, sivele sayeka nokubacindezela, sangabe sisazikhandla nje esikhaleni.

“Ngicabanga ukuthi lokho kunekwenza nento ethile engqondweni,” kuchaza uDladla oyiphini likaTruter. 

FUNDA NALA: Injabulo kuqinisekiswa ukubuya kweComrades ngonyaka ozayo

Ebuzwa ukuthi ngabe yini acabanga ukuthi isuse yonke lento, uthe: “Nami angazi ngizifanela nawe nje…

“Njengamanje ngithemba ukuthi ngizokwazi ukubenza bakhululeke ukuze sikhulume.

“Ngoba uma ngikhuluma iqiniso nje, angikholwa wukuthi iCity beyingaphezu kwethu ngaleyo ndlela yokuthi seyingashaya amagoli amane wonke.

“Thina sivele sadembesela nje. Leyo yinto okumele siyihlalele phansi siyixoxe ngendlela efanele ukuze sizokwazi ukuqinisekisa ukuthola imiphumela ukusuka lapha.”

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.