UDladla ucacisa ngokubamba kwakhe kwiSwallows esase’khefini’ uTruter

UDladla ucacisa ngokubamba kwakhe kwiSwallows esase'khefini' uTruter
USimo Dladla
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Umqeqeshi obambile kwiSwallows FC uSimo Dladla uzithole esesimweni esicishe sibe bucayi njengoba ebanjiswe lesi sikhundla imidlalo emibili nje.

Lokhu kulandela ukuthi uBrandon Truter enikwe ikhefu lamaviki amabili kuleli qembu kulandela ukugqoza kwemiphumela. 

Ngokujwayelekile lesi simo siyaye sisho ukuthi umqeqeshi usexoshiwe kuwukuthi kwenzelwa ukuba angahlazeki ukuthi usexoshiwe kube sengathi usamisiwe.

Ukuvela kwalezi zindaba kwaveza izinto ezimbili ukuthi ukunikwa imidlalo emibili kukaDladla kwenzelwa ukubona ukuthi ukhona yini umehluko angawenza.

Noma bekwenzelwa ukuba kube kubhekwa kahle omunye umqeqeshi ngaphandle kokuthi kusale kungasenamuntu.

UDladla ke naye uvele wawabhunyela upharafini lamahlebezi ngesikhathi ekhuluma ngemuva komdlalo wakhe wokuqala ngempelasonto edlule.

OkaMgabadeli wathi usazama ukufaka amacebo akhe okwenza izinto kubadlali okwenza kwasolakala ukuthi uTruter akasabuyi.

Ubuziwe ngalokhu ngoLwesibili ekuseni ecelwa ukuba eke enabe kwazise abantu bakuthathe ngezindlela ezehlukene okungenzeka kukhona kuzo nengeyona.  

“Ngibudlelawano obuhle kakhulu bokusebenzisana noBrandon,” usho kanje. “Mina okwami ukumesekela njengephini lakhe.

“Okwami ukweseka imibono yakhe nendlela enza ngayo izinto. Bese sihambe isikhathi eside singalishayi igoli. 

“Ngakho ke mina njengomuntu nginendlela yami yokwenza izinto esimweni esinjengaleso. Lokho ke kodwa akusho ukuthi imibono yethu ayihambisani.

“Mina awami amacebo agxila kakhulu kwindlela esenza ngayo ezimweni ezithile emdlalweni. Uma siphethe ibhola senza njani, uma lingasekho senze njani… 

“Indlela esenza ngayo uma sisemhlabeni wezitha sihlasela, indlela esenza ngayo uma simaphakathi nenkundla noma uma simaka emuva.

“Yilokho engangikusho uma ngithi ngizama ukugxilisa amacebo ami eqenjini. Ngangisho indlela esenza ngayo izinto enkundleni. 

“Kumele kucace uma siphethe ibhola, kumele siwulawule umdlalo. Kumele singancengi emuva bese siba nesibalo sabantu abathile uma sihlasela.

“Yilokho engangikusho. Sinobudlelwano obuhle futhi mina njengephini kumele ngimeseke kulokho akubona kufanele futhi kuzosiza iqembu.”

Ebuzwa ukuthi abadlali bakwamukela kanjani ukuvela kwalezi zindaba ezenzeka isigubhukane, uDladla uthe kwaba nzima kwabanye.  

“Okwenzeka wukuthi uBrandon waba nomhlangano omude nabaphathi beqembu. Ngemuva kwalowo mhlangano ngabizwa nami.

FUNDA NALA: Inkakha yeChiefs ithi ayikuboni okusha okusengenziwa uBaxter

“Ngatshelwa ukuthi kuvunyelwene ngokuthi kumele ngibambe kule midlalo emibili elandelayo. Lokhu kwatshelwa wonke umuntu.

“Ngokulindelekile ke, abanye bathuka, abanye bamangala… Kwakuzothatha isikhathi ukuthi bakujwayele lokhu.

“Kwaba nzima ukuba wonke umuntu abone ukuthi kumele kuqhutshekelwe phambili,” kusho uDladla.

Uthe ejimini ubebheka abadlali abazimisele ngokulwela iqembu ukusuka manje kuya phambili.

“Besibheka abadlali abazimisele ngempela ngokudlalela iqembu, abadlali abafuna ukwenza umehluko.

“Abadlali ababonayo ukuthi sinenkinga yokuthi asiwini futhi ababonayo ukuthi wonke umuntu uzama okusemandleni ukubuyisela iqembu endleleni efanele.

UDladla uzobamba umdlalo wakhe wesibili uma sebebhekene neCape Town City emdlalweni womlenze wesibili kweyandulela owamanqamu kwiMTN 8.

Lo mdlalo uzoba seDobsonville Stadium ngoLwesithathu ntambama. Owomlenze wokuqala waphela zibambene kungekho nagoli elishayiwe.

Uthe ulindele umdlalo uvuleke kulokhu njengoba bengafuni ukuthi kuze kugcine kuphelelwe phansi kwepali sekukhahlelwa amaphenathi.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.