UDladla uthi uMayo uzoba yinkinga uma bezomgadlisa kwiCity

UMayo uzoba yinkinga uma bezomgadlisa kwiCity kusho uDladla
UKhanyiso Mayo
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

USimo Dladla obengumqeqeshi weRichards Bay la uKhanyisa Mayo evelele khona uthi ujabule ukuzwa ukuthi leli qembu lingase limdlalise njengomgadli. UDladla usekwiSwallows FC manje la eyiphini lo mqeqeshi khona ngemuva kokushiya kuleli qembu leGladAfrica Championship.

UMayo, oneminyaka engu-22 ungomunye wabadlali abebenza kahle ngaphansi kukaDladla ngesikhathi iNatal Rich Boyz beyibukeka izosidla isicoco seChampionship. Izinto zabhimba ekugcineni, waxishoshwa ke uDladla.

Ekhuluma neMpempe ngoMayo, uthe uyamjabulela ngethuba lokukhula ebholeni lakhe wathi ukholwa wukuthi uzoba wusizo kwiCity ephekwa ngu-Eric Tinkler.

“Kuzoya ngomqeqeshi ukuthi uzomsebenzisa kanjani,” kusho uDladla ngalo mdlali. “SIngabaqeqeshi sehlukene futhi nendlela esibona nesenza ngayo izinto ihlukene.

“Mina ngimbona engaba yingozi kakhulu uma ezodlaliswa njengomgadli. Muhle ngekhanda kanti nasonyaweni muhle kakhulu, uyalikhahlelela ipali.

FUNDA NALA: UBartlett uthi ubelindele iChiefs ilethe injabulo ezweni ngemuva kwezibhelu

“Nami bengifuna ukumdlalisa njengomgadli kodwa ngoba bengisebenzisana nabantu bangenza ngavuma ukuthi simdlalise ophondweni. Kodwa ngoba ukushaya igoli yinto esegazini kuye yingakho egcine eshaye amagoli amaningi nje.

“Uma bengamdlalisa phambili kwiCity, bazobona izimanga. Ngiyamethemba ngoba ungumfana olalelayo futhi ozimiselayo,” kusho uDladla. UMayo wethulwe yiCity njengomdlali wayo ngoMsombuluko ekuseni.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.