Udlalwe phezu kwesikhalo oweCity neMaritzburg

Udlalwe phezu kwesikhalo oweCity neMaritzburg
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Sekuphinde kwenzeka esinye isigameko esingakwayelekile ebholeni njengoba umdlalo weDStv Premiership udlalwe sekunesikhalo.

Impempe seyithole ukuthi amakhadi abadlali beCape Town City antshontshiwe ngaphambi kwalo mdlalo oseCape Town Stadium ngoLwesibili kusihlwa.

Kuvela ukuthi imoto yemenja yeqembu igqekeziwe, kwantshonthwa obekuphakathi kuyo okubalwa namakhadi abadlali.

Lamakhadi kumele akhonjiswe iqembu okuzodlalwa nalo ngaphambi kokuqala komdlalo ukuqinisekisa ukuthi bonke abadlali babhalisiwe.

FUNDA NALA: IChiefs ithi ayilubeki emdlalweni we-Arrows

IMaritzburg ibe seyifaka icala kophethe onompempe emdlalweni ngokuthi awekho amakhadi.

Uma itholwa inecala iCity amaphuzu amathathu azonikwa iMaritzburg ngale kokuthi umphumela womdlalo uzothini.

Lokhu kwenzeka nje kusenesiphithiphithi kwiPSL kulandela ukugolozwa kweKaizer Chiefs ukudlala imidlalo yayo.

ICity nayo kulindeleke iwacoshe etafuleni amaphuzu njengoba iChiefs ingafikanga ukuzodlala nayo ngempelasonto edlule.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.