UDlangalala nesisombululo sokuphekwa kweminyaka ebholeni

UZipho Dlangalala Isithombe: NUZ Media Online

 

Sihle Ndlovu

UZipho Dlangalala, oyiRegional Technical Officer (RTO) kwiSafa Ethekwini, uthi sikhona isisombululo enkingeni yokuphekwa kweminyaka ebholeni.

Ubekhuluma lokhu ngesikhathi iSafa Ethekwini, engaphansi kukamengameli uMazwi Mkhize, ichaza ngosekwenzeke ezinsukwini ezingu-100 iphethe, njengoba ikhethwe ngoDisemba.

UDlangalala, owuqweqwe lomqeqeshi angangatshazwa amagalelo akhe kunobhutshuzwayo, uthe akumele kuze kushayiswane ngamakhanda kakhulu mayelana nesihlava sokuphekwa kweminyaka ebholeni.

“Into ebaluleke kakhulu ukuthi kudlalwe kungamiwa emazingeni aphansi,” kusho uDlangalala.

“Inkinga iqala ngokuthi kufike kudlalwe umqhudlwano othile, mhlawumbe ka-Under 15 kulo nyaka. Kuzobe sekuthulake emva kwalokho isikhathi eside.

“Kuyothi uma sekudlalwa omunye umqhudelwano ka-Under 15 ngemuva kwesikhathi eside, ingane iqhamuke isadlala kuwona.”

Inkinga yokuphekwa kweminyaka akungabazeki ukuthi iyalibulala ibhola laseNingizimu Afrika nelase-Afrika yonkana.

“Akulula neze ukuthi umdlali ashintshe iminyaka uma iqoqo lontanga yabo adlala nabo lingahlukani futhi liqhubeka nokudlala njalo,” kusho lo mqeqeshi.

“Uzoyishintsha kanjani iminyaka ngoba bonke bayazana ukuthi basuka kuphi futhi balokhu beqhubeka nokudlala ndawonye. Akudlalwe nje kungamiwa, yisona isixazululo leso.”

Umangameli weSafa kuzwelonke, uDanny Jordaan, useke waphawula ngokuthi iCAF kumele iyifakele izibuko indaba yokuphekwa kweminyaka. Ukusho lokhu ngemuva komqhudelwano ka-Under 16 obuseDemocratic Republic of Congo (DRC), lapho kubonakale khona amadoda amadala ethi aneminyaka engaphansi kuka-16.

Lo mqhudelwano ububizwa ngeFIFA-CAF PAN African schools football championship, kanti iNingizimu Afrika ibimelwe yi-Edendale Technical High School, yaseMgungundlovu.

UMkhize yena uthe, kumele bajeze kakhulu abantu abathinteka ekuphekweni kweminyaka.

“SiyiSafa sithi umqeqeshi ozotholakala ethinteka ekuphekweni kweminyaka, kumele axoshwe unomphelo ekuqeqesheni,” kubeka uMkhize.

“Futhi akufanele kugcine lapho, abantu kumele baboshwe ngoba babulala ibhola lethu.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.