UDlangalala weTS Galaxy imnika ithemba eyokushaya amagoli

Sihle Ndlovu

Ugqugquzelwa ukuthi sebeyawashaya amagoli umqeqeshi weTS Galaxy, uZipho Dlangalala, ebambane ngo 2-2 neBaroka FC emdlalweni weDStv Premiership ngoLwesibili ebusuku.

Kulo mdlalo iGalaxy ike yalandela emuva ngamagoli amabili kodwa yakwazi ukubuya ishaye amagoli okulinganisa, yathola iphuzu.

UDlangalala uthe kukhona okusamele bakulungise kodwa uyajabula ukuthi bayakwazi ukubuya noma sebelandela emuva ngamagoli amabili.

“Besifuna ukuwuwina umdlalo, ikakhulukazi ngendlela esidlale ngayo namuhla. Besinethuba lokwenza kangcono kodwa kuhle ukuthi noma sesilandela emuva ngamagoli amabili besiwenza amathuba okushaya amagoli, nangesikhathi sekungu 2-2 besinethuba lokushaya amagoli,” kusho uDlangalala.

“Sizothatha leli phuzu sakhele phezu kwalo…”

IGalaxy ikwazile ukushaya amagoli amabili emdlalweni wangoDisemba ibhekene neCape Town City yize yagcina ishaywe ngo 3-2 kulowo mdlalo. Nokho uDlangalala uqine idolo ngokuthi sebeyakwazi ukuthola amagoli.

“Kuyagqugquzela kakhulu ukuthi siyawashaya amagoli. Sishaye amagoli amabili imidlalo ilandelana. Nokho kumele sizame ukuqina emuva ukuze singadedeli amagoli. Kunabadlali ababe namabhadi okwenza amaphutha sase sidedela amagoli kodwa kumele sibasize ukuze siye phambili,” Kubeka uDlangalala.

Uphethe ngokuthi ujabule ngendlela abadlale ngayo ngakho lokhu abakwenzile bedlala neBaroka uzokwakhela phezu kwakho.