Udlulile emhlabeni uBritish Bulldog owasimamisa iPSL

Mthokozisi Mncuseni

AKASEKHO emhlabeni uTrevor “British Bulldog” Phillips owaba yisikhulu esiphezul sokuqala ngqa sePremier Soccer League (PSL) eminyakeni ecela kwengu-25 edlule.

Lokhu kuqinisekiswe yiPSL ngoMsombuluko.

UPhillips, odabuka e-England, alisali igama lakhe uma kubalwa abantu abafika nomqondo wokwenza inkece ngePSL.

Isikhundla sokuba yisikhulu esiphezulu, usiphathe amahlandla amabili, okungobunye bobufakazi bokuthi amagalelo ale ndoda ephumule ayaziwa ebholeni lakuleli.

Uqale waphatha iminyaka emine kusukela iligi iqala ukuheha abakhangisi. Uphinde wabuya ngo-2002 kwaze kwaba u-2007. Ihlandla lesibili uphathe iminyaka emihlanu.

Ngesikhathi iligi imemezela lokhu ibalule nokuthi kuzokuba nomzuzu wokumkhumbula uPhillips

Kuyona yonke imidlalo yeDStv Premiership, eyeCAF Champions League kumbe iConfederation Cup ethinta amaqembu akuleli, nakwiGladAfrica Championship kusukela ngoLwesithathu.

Impempe.com nabo bonke abathandi bakanobhutshuzwayo eNingizimu Afrika futhi abawaziyo umsebenzi kaBritish Bulldog, sithi umndeni awududuzeke.