UDoctor Khumalo uvuleleke ngemali ayeyihola efika kwiKaizer Chiefs

UDoctor Khumalo uvuleleke ngemali ayeyihola efika kwiKaizer Chiefs
UDoctor Khumalo
Sbongs Gumbi

Yize ashiya ekudlaleni eminyakeni engaphezu kuka-20 edlule, kodwa uDoctor Khumalo usengomunye wabadlali abavele bamoyizele abalandeli beKaizer Chiefs uma bemcabanga.

Kukhona nabasaphika manje ukuthi ukhona umdlali onekhono nethalente njengaye oke wavela kuleli ngemuva kwakhe.

Ekhuluma noBrian Mathe ohlelweni lweNedbank Reality Football muva nje, uModokisi, okuyigama ayebizwa ngalo, uveze ukuthi wayehola malini efika kuleli qembu ngo-1984. 

“Umholo wami wokuqala kwakuwuR800,” kusho uDoctor. “Ngangisasesikoleni sababanga aphezulu ngaleso sikhathi.

“Ngangicabanga ukuthi impilo yami izojika njengoba ngase ngizohola lemali. Ngasengikubheke ngabomvu ukuthola isheke lami lokuqala.  

Nokho izeluleko zikayise uPro Khumalo owayemfake ngaphansi kwekhwapha lakhe ukumvikela umfana wakhe, wameluleka ukuthi imali iyongiwa.

“Kwathi ngelinye ilanda ekuseni ubaba wangivusa wathi khona la kumele siye khona. Sahamba saya ebhange elithile eDube (eSoweto).

“Safika khona kwaba ngubaba osayinela isheke lami engangilinikiwe yize i-akhawunti kwakungeyami. Ngangisemncane ukuthi ngingazisayinela.”

Ukucacisile ke nokho ukuthi yayiningi kuye nozakwabo ngalezo zikhathi le mali ngoba vele babengagijimisi yona, kodwa befuna ukuzijabulisa nokuveza amakhono wabo.

“Uma ngingalinganisela kumaphesenti, ngingathi kwakuwuthando oluningi kanti ngingalulinganisela ku-99% bese kuba wokunye ke ngemuva. Sasifuna ukuba kuleli qembu sidlale.

“Imoto yokuqala ngayithenga ngemuva kweside isikhathi… Angigijimelanga yona ngomholo wokuqala. Ngayithenga sekuphele iminyaka embalwa ngaqala ukudlala ezingeni elikhokhelayo.

“Angifuni ke mina ukuba nomona ngolwazi olwadluliselwa kithi ngesikhathi sisebancane ngakho nami ngiyalwedlulisela kulaba abadlala manje.

FUNDA NALA: IChiefs ishaye esePirates ixhopha iRoyal AM ngomdlali weSwallows

“Thina saluthatha ulwazi, salumunca qede salusebenzisa yingakho sifuna ukulwedlulisela kwabeza ngemuva kwethu.

“Ebholeni awuzikhetheli wena ukuthi uzodlala iminyaka engu-20. Noma ungaziphatha kahle, unakekele nomzimba wakho kungenzeka ngeshwa ulimale uphoqeleke ukuyeka ukudlala. 

“Okulandela lapho uzozithola sewusele nemoto ebizayo kuphela kodwa eyehlwa yinani layo ngokushesha. Into ebalulekile wukuthi ubekele ikusasa.

“LOkho kuyakusiza ukuthi ungaphenduki ukhangeziwe uma sewuyekile ukudlala. Yingakho kubalulekile ukufaka imali ezintweni eziziyikhulisa.” 

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *