UDoctor ubakhiphe inkani kwiKing Cetshwayo Horse Racing

UDoctor Mbatha egibele uNxakanxaka
Alfred Ngubane

Kukhonye amahhashi aseMajuba district kwiKing Cetshwayo Horse Racing ebingempelasonto eMpangeni.

La mahhashi abezenzela kuyo yonke imijaho eyishumi lapho kuvele ujokhi, uDoctor Mbatha, onqobe imijaho emihlanu emincane wavala ngomjaho wosuku lapho ekhale wemuka nomklomelo oconsisa amathe ka-R100 000

Ulandelwe uTrouble Maker obembhince eduze yena wagoduka no-R30 000, endaweni yesithathu kwangena u-Album. Wonke la mahhashi ngawase Majuba.

Ekhuluma neMpempe uMbatha ukushilo ukuthi uTrouble Maker uhlale njalo eyingozi ngoba ngonyaka odlule wamehlula enqoba iDundee July Horse Racing. Ngemuva kwalokho wabuyela emuva wayojima wazihlela kabusha njengoba esemehlule amahlandla amathathu kulandelana.

Leli hhashi likaMdubane selinqobe imijaho emningi kakhulu kulesi sifundazwe iKwaZulu Natal. UMbatha uthe kuyimanje amabombo abheke kwiDundee July. ngenyanga ezayo.

ULungelo Gamede uyivumile induku kaMbatha, ogibela uNxakanxaka okuyihhashi elinesipiliyoni, njengoba yena egibela uTrouble Maker ihhashi likaba wakhe uGamede.

Imeya waseKing Cetshwayo District, uThami Ntuli, ubongele bonke abanqobile emkhakheni wengqephu namahhashi. Waphinde wathi ngonyaka ozayo bazoyinyusa imali ifinyelele esitekini sika-R200 000 njengoba kulo nyaka wokuqala weKing Cetshwayo Horse Racing isiteki besingu-R100 000.

editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.