UDoctor ufuna kubuyiswe uKhune noMathoho esikimini seChiefs

UDoctor Khumalo owayedlalela iChiefs
Alfred Ngubane

Kuvuke umunyu kuDoctor “16 V” Khumalo iKaizer Chiefs ishaywa yiMamelodi Sundowns kanzima ngo 4-0 emdlalweni weDStv Premiership eLoftus Stadium, ngoMgqibelo.

UKhumalo uvele wakhomba ngomunwe emehlweni uSiyabonga Ngezane ngokuthi udlise iqembu elikhulu kangaka eyedwa. Uphinde waveza ukuthi iChiefs ayinalo nhlobo udonga, luyantenga kakhulu kumele ibuyise u-Eric “Tower” Mathoho no-Itumeleng Khune.

“Ngiyaqonda ukuthi iChiefs iyakha kodwa kumele yakhele phezu kwabadlali abanamava,” kusho uKhumalo.

Lo mphumela wokwehlulwa kweChiefs ubhibhise izinhliziyo zabadlali bakudala bamakhosi okuthula noxolo, njengoba behlulekile ukufihla ungenami ngabadlali basemuva. Omunye umdlali ongasalanga ekugxekweni ngenxa yokungazinikeli emsebenzini wakhe nokushweba iphenathi, nguKhama Billiat.

Lo mdlali ubanjelwe iphenathi nguRonwen Williams kanti ibonakale ingenamfutho. Abanye balibeke ngembaba elokuthi wasala ngephutha (kuchithwa abadlali) njengoba engeke abasize abadlali abancane ngoba unomona webhola.

Kulo mdlalo kuphinde kwagqama ungabi khona kwamava kubadlali beChiefs. Kuphinde kwavela ukuthi abaqeqeshi beSundowns banolwazi olujulile nendima abayihambile isiyinde kunabeChiefs. Kuvele ukuba ngamakluma kubona njengoba behlulekile ukubopha amaqhinga okuguqisa iSundowns ngokusho kukaKhualo.

IChiefs kuzomele izame ukuvuka izithathe uma seyitholana phezulu neRichards Bay FC, eMoses abhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibelo ngo-8 ebusuku. IBay ayikashaywa selokhu kuqale isizini futhi iyona esesicongweni kwilogi yePremiership.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.