UDolly ubona izimpawu ezinhle ngeChiefs athi izobhubhisa maduze

izimpawu
UKeagan Dolly
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

UKeagan Dolly ubona izimpawu zokuthi iKaizer Chiefs izobe ibhubhisa kwasani eqhamuka phambi kwayo esikhathini esingesingakanani esizayo.

Lokhu ukusho ngemuva kokuqokwa njengomdlali ovelele emdlalweni la iChiefs ishaye khona iBaroka FC ngo 2-1 eFNB Stadium ngoLwesithathu.

UDolly udlale kahle kakhulu futhi wakhombisa izimpawu zokuthi uzobuyela kulowa mdlali ayaziwa enguyena esagijima kwiMamelodi Sundowns.

“Okokuqala nje ngifuna ukubonga wonke umuntu ongisizile. Ngesikhathi ngibuya bengingekho esimweni esihle sokuba fithi.

“Ozakwethu nethimba labaqeqeshi bangisize kakhulu ukuthi ngibuyele esimweni,” usho kanje uDolly obedlala eFrance kule minyaka emine edlule.

“Yize ngingakafiki ezingeni elifanele, ozakwethu bakwenze kwaba lula kimi. Sidlale kahle, ikakhulukazi ngesiwombe sokuqala futhi kubonakalile ukuthi kukhona la sibheke khona.

“Besenza izinto zibe lula. Ngicabanga ukuthi kukhona la sibuye sayilahla khona sagcina sesitatazela. Nokho ngibona kufanele siziqhenye.

“Siwatholile amaphuzu amathathu futhi siwakhile amathuba okuthi besingashaya amanye amagoli amaningi.

“Kuningi okuhle esingakuthatha kulo ya mdlalo siqhubekele nakho phambili. Isizini iseyinde ngakho kumele sizethembe kwesikwenzayo ,” kuchaza yena.

FUNDA NALA: Unompempe wakuleli uqokelwe ukuyoyifutha kwiNdebe yoMhlaba impempe

Cishe uDolly uzobe esesesimweni esingcono kakhulu uma iChiefs seyibhekene neqembu lakhe lakudala iSundowns ngoSepthemba 12.

Yiwona mdlalo olandelayo lowo weChiefs. Lamaqembu asanda kubhekana kwiMTN 8 la kwawina khona iSundowns sekukhahlelwa amaphenathi.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.