UDolly ujatshuliswa wumdlalo olandelayo obazibisa ihlazo abaphuma kulo

UDolly ujatshuliswa wumdlalo olandelayo obazibisa ihlazo abaphuma kulo
UKeagan Dolly
OkaDonga Gumbi

UKeagan Dolly uthi kuhle ukuthi imidlalo ilandelana eduze ngoba lokho sekuvune abadlali beKaizer Chiefs ngokuthi bengabi naso isikhathi sokukhathazeka ngokuphoxa abakwenze ngempelasonto.

Amakhosi adlale ibhola elilahlisa ithemba ngesikhathi ehlulwa yiTS Galaxy emdlalweni weNedbank Cup ngoMgqibelo kusihlwa.

Agcine ewashiswe ijezi kulo mqhudelwano njengoba ehlulwe ngo 1-0 wegoli elishaywe ngu-Augustine Kwem esiwombeni sesibili kulo mdlalo obuseFNB Stadium.

Lokhu kwehlulwa kweChiefs kuwaqedile amathuba okuthi leli qembu lingaqeda le sizini kukhona elikuwinile njengoba nakwiligi lisilele emuva kakhulu kwiMamelodi Sundowns.

“Impela siphoxekile, hhayi kuphela ngokuthi sihluliwe kodwa nangendlela esidlale ngayo. Ngathi bekungesithina laba ebesidlala laphaya,” kusho uDolly ngoMsombuluko.

“Indlela ebesivala ngayo izikhala uma ibhola lingekho kithi, nendlela ebesizama ukubacindezela ngayo… Ngicabanga sengathi bekungethina.

“Kuhle nje ngoba ngoLwesibili sinomdlalo ngakho sizothola ithuba lokusheshe silungise amaphutha, sibuyise ukuzethemba kwethu.

“Lo mdlalo wangoLwesibili uyithuba lawo wonke umdlali ukuthi abuyise ukuzethemba, futhi kumele sizame ngayo yonke indlela ukuwina.”

Kuzomele bazibambe ziqine ke nokho oDolly nozakwabo njengoba beya kwiCape Town City nayo ekhale othulini kwiRoyal AM kwiNedbank Cup ngempelasonto.

FUNDA NALA: IBaroka igoloze namaphuzu isizitshelile ukuthi iwatholile iSundowns

Lo mdlalo weDstv Premiership uzoba seCape Town Stadium kanti uzoqala ngo-7.30 kusihlwa.

“Lo mdlalo wangoLwesibili uyithuba lawo wonke umuntu ukuthi azame ngayo yonke indlela ukuthi siwine.

“Ngeke kube lula ngoba iCape Town City iyiqembu elihle futhi elithandayo ukugcina ibhola lilidlale –  kuzoba wumdlalo omuhle. Kubalulekile ukuthi siwine kulo mdlalo.”

UDolly ubuye wahlaziya nompumela wokuhlulwa kwabo yiTS Galaxy obashiya ehlazweni elibi lokuqeda isizini yesishiyagalombili beshwiba izandla.

“Isizini nesizini sisuke sifisa ukuthola izindebe. Sifuna ukuwina izindebe sizenzela thina, iqembu nabalandeli bethu.

“Kube yihlazo elibi ukukhishwa ngaleya ndlela emqhudelwaneni ikakhulukazi emzuliswaneni wokuqala kodwa manje sekumele sijike imiqondo siyibhekise kwiligi.

“Kumele silwele ukuqeda phezulu futhi lokho kumele sikuqale ngoLwesibili,” kusho uDolly obedlala phesheya ngaphambi kokubuyela kwiChiefs.

“Ngemuva komdlalo besidangele, kodwa kuhle ngoba sinomdlalo kusasa ngakho asikho isikhathi sokucabanga ngokwenzeke ngempelasonto.

“Ngesikhathi siziqeqesha ngeSonto bekunomuzwa wendumalo nokudangala, kodwa namuhla wonke umuntu ubonakale esengcono futhi esebheke umdlalo ozayo ukuze enze kangcono.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *