UDolly usefaniswe eduze nala kuhleli khona abadlali abasha beChiefs

UDolly usefaniswe eduze nala kuhleli khona abadlali abasha beChiefs
UKeagan Dolly
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Ukubonakala kukaKeagan Dolly ngasendaweni la kuhlaliswe khona abadlali abasanda kusayina kwiChiefs sekunyuse amathemba okuthi lo mdlali uzosayina maduze.

UDolly ungomunye wabadlali osekunesikhathi emataniswa naleli qembu laseNaturena. Lokhu kuqale ngemuva kokuthi ephelelwe yinkontileka neqemnbu abedlala kulo eFrance, iMontpeiler.

Ngokubika kwabeFAR Post, uDolly ubonakale eMelrose Arch eGoli ngoMsombuluko ebusuku. Kucatshangwa ukuthi kungenzeka ukuthi anye useqedile neChiefs futhi angase athulwe njengomdalli wayo ngoLwesibili noma ngokuhamba kwesonto.

Uma ingagcina imsayinile uDolly, iChiefs kungabe isibahlanganise bonke abadlali ababedume ngele ‘CBD’ ngesikhathi bekwiMamelodi Sundowns.

OLeonardo Castro noKhama Billiat sebevele bakhona kwiChiefs asebehlale kuyo isikhashana impela. Nokho uBilliat usaphelelwe yinkontileka okwamanje kodwa kusaxoxiswana ngokuthi ivuselelwe.

Laba badlali babeyingozi futhi betatazelisa izitobha kuyo yonke imidlalo ababedlala kuyo. Nokho amandla abukeka esenciphile kuCastro, kanti uBilliat akakangeni ebholeni elenza wahalelwa inqwaba yamaqembu.

Ekhuluma neMpempe ngoMsombuluko, uDominic Isaacs owake wadlala kwiChiefs phambilini, uveze isifiso sakhe sokuthi leli qembu liqinise naphambili njengoba lenzile nasemuva.

FUNDA NALA: UBrooks akazimisele ukuphuma kwiBafana Bafana

Emuva iChiefs iqinise kakhulu njengoba isayine isitobha ezine okungoSifiso Hlanti, Njabulo Ngcobo, Thabani Dube noSibusiso Mabiliso. U-Isaacs ukhale ngokuthi sekumele igxile ekuqiniseni phambili.

Umbalile uDolly njengomunye wadlalali abangaba wusizo olukhuku kwiChiefs efuna ukubuyisa isithunzi sayo ngesizini ezayo. Phela sekuphele amasizini ayisithupha leli qembu lingayazi indebe okuyinto eyihlazo elibi.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.