UDolly usejahe kabi ukudlala idabhi okokuqala

UDolly usejahe kabi ukudlala idabhi okokuqala
UKegan Dolly
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter 

Yize eke wadlala emdlalweni wedabi yaseSoweto kwiCarling Black Label Cup, uKeagan Dolly ukholwa wukuthi umuzwa uzokwehluka uma sebedlala oweligi ngoMgqibelo.

KwiCarling Cup kusuke kungcwekiswana nje kwazise isizini isuke ingakaqali futhi namaqembu aqala umdlalo asuke eqokwe ngabalandeli.

Kodwa umuzwa uzobe sewujikile eFNB Stadium ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama iKaizer Chiefs seyigadulisana ne-Orlando Pirates.

LOkhu kungenxa yokuthi kuzobe kungangcwekiswana kodwa kubangwa amaphuzu amathathu negunya lokuqhosha.

Womabili ke lamaqembu ayawadinga amaphuzu kwazise azishayela ngonyawo lonwabu kwiligi, okuwenza asalele emuva kwahubha isicoco.

UDolly uthi lona ngumdlalo akhule ewubuka bukhoma enkundleni futhi enesifiso sokuthi naye abe senkundleni ngelinye ilanga.

“Idabhi iyohlala ingomunye wemidlalo emikhulukazi e-Afrika,” kusho uDolly kuleli sonto.

“Ngakhula ngingumlandeli weChiefs futhi ngaba nethuba lokuya enkundleni ngesikhathi ngineminyaka eyisithupha noma isikhombisa ngihamba nobaba.

FUNDA NALA: UCaster ucacisa ‘eyokuxabana’ nomqeqeshi owamvundulula

“Ngayibuka imidlalo embalwa yedabhi ngisemncane, ngibuka abadlali abafana noJabu Pule (osebizwa ngoMahlangu) begabavula enkundleni egcwele phama.

“Ngangihlale ngizicabanga nami sengidlala kule ndumezulu yomdlalo wedabhi yaseSoweto.

“Ngenhlanhla manje sengizokwazi ukufeza iphupho lami enganginalo kusukela ngimncane.

“Yize ke bezobe bengekho abalandeli, kodwa ngiyazi ekhaya bangabalandeli beChiefs kusukela kudala bazobe bengesekile.”

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.