UDolly uthembisa ukuqhubeka nokuqhulula amagoli

UDolly uthembisa ukuqhubeka nokuqhulula amagoli
UKeagan Dolly noKhama Billiat
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

UKeagan Dolly weKaizer Chiefs ukholwa wukuthi uzoqhubeka nokushaya amagoli asize iqembu lizuze lokhu elikusophile kule sizini.

Leli nxele lisho kanje ngemuva kokuwina imiklomelo emibili yenyanga ngoLwesibili.

UDolly uwine umklomelo womdlali ovelele enyangeni nowegoli eliwaqwaqwade wonke emakhanda.

Lapha bekukhulunywa ngemiklomelo yeDStv Premiership ka-Okthoba noNovemba lapho lo mdlali weChiefs elinyuse kakhulu izinga.

“Okokuqala ngicela ukubonga abalandeli, nabo bonke abangivotele ukuthi ngiwine umklomelo wegoli elihamba phambili lenyanga.

“Nakanjani ngijabulile ukuthola le miklomelo futhi lokhu kuhlale kukugqugquzela njengomdlali,” kusho uDolly.

“Maningi amagoli amahle esiwabonile ngakho ngicabanga ukuthi bekungawina noma ubani.

“Ngethemba ukuthi ngizoqhubeka nokushaya amagoli ngisize iqembu liwine.

“Sifuna ukugxila ohambeni lwethu njengeqembu siqhubeke nokuwina imidlalo.”

Umbuzo omkhulu ukuthi iChiefs izobuyela nini ensimini bese uDolly ashaye la magoli akhuluma ngawo.

IChiefs ayidlali kulezi zinsuku ngenxa yokuthi kutholakale abangu-36 eqenjini beneCoronavirus.

FUNDA NALA: UNcikazi ujabulele ukubuya kukaLorch kwiPirates

Lokhu kwenze ukuthi ibhalele iPremier Soccer League (PSL) icela ukuthi kuhlehliswe imidlalo yayo yeligi yangoDisemba.

Kuvela ukuthi iPSL ayikuvumanga lokho kodwa iChiefs ayizange idlale neCape Town City (ngoMgqibelo) neLamontville Golden Arrows (ngoLwesithathu).

Emdlalweni olandelayo ngempelasonto, okumele iwudlale neSekhukhune United, awekho amathuba okuthi izoya enkundleni (ngeSonto).

I-PSL ithule du kulezi zinsuku mayelana nokungayi kweChiefs emidlalweni.

Igcine (iPSL) ikhiphe isitatimende ithi iyalulandela udaba lweChiefs kodwa imidlalo yeligi kumele nakanjani iqhubeke.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.