UDolly uthi kade axwayisa ngesibhaxu esivulelwe yiChiefs kwiChippa

UDolly uthi kade axwayisa ngesibhaxu esivulelwe yiChiefs kwiChippa
UKeagan Dolly
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Isilomo esisematheni kulezi zinsuku uKeagan Dolly weKaizer Chiefs uthi kudala exwayisa ukuthi mhla bahlangana kahle bazosokolisa.

Lokhu ukusho ngemuva kokuqokwa njengomdlali ovelele kade bebhubhisa iChippa United ngo 4-0 emdlalweni weDStv Premiership ngempelasonto.

UDolly ushaye amagoli amabili waphinde waba nesandla kuwo womabili lawa amanye ashaywe ngoKhama Billiat noLazarous Kambole.

“Kumele ngiqale ngincome iqembu lilonke, laba bafana bebelokhu beqhubeka belwa ejimini,” kusho uDollyngemuva komdlalo.

“Emidlalweni embalwa edlule besilokhu siwakha amathuba kodwa sihluleke wukuwaphendula siwenze amagoli.

“Bese ngike ngasho phambilini ukuthi uma sike saqala sayishaya inethi akekho oyosivimba, sikubonike le lokho namuhla.

“Kodwa okubaluleke kakhulu wukuthi iqembu nje lilonke lidlale kahle. Sihlalile kumacebo ethu okudlala.

“Silandele amacebo ethu sakwazi ukuwina sithole amaphuzu amathathu. Amathuba besiwakha vele.

“Futhi akusimina ngedwa odlale kahle, iqembu lilonke lenze kahle kanti uma singaqhubeka nalo mgqigqo namanye amaqembu kuzomele agade isibhaxu siyeza.”

Ukhombise nokuxhumana okuhle noBilliat abebephaselana sengathi bayakwazi ukubonana ngisho becimezile.

FUNDA NALA: UTruter ujabule ngephuzu nokuthi bakwazile ukushaya igoli

Ebuzwa ngalokhu, uDolly uthe yinto esuka kudala. Laba bafana sebeke badlala ndawonye kwi-Ajax Cape Town nakwiMamelodi Sundowns phambilini.

“Kuhlale kulula kimi ukwazi ukuthi uKhama uzogijima aye kuphi uma ngiphethe ibhola.

“Nakuye kulula ukwazi ukuthi ngizoya kuphi mina uma yena ephethe ibhola. Ukuxhumana okwaqala sisekwi-Ajax kudala.

“Kodwa ke okubalulekile yiqembu lilonke. Besizikhandla kanzima ejimini… bewusifanele lo mphumela futhi ngethemba ukuthi kusekuningi okuzayo.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.