UDolly uthi kusiza amaqembu amancane ukungabi khona kwabalandeli

UDolly uthi kusiza amaqembu amancane ukungabi khona kwabalandeli
UKeagan Dolly
OkaDonga Gumbi

Amaqembu awasasabi ukuya eFNB Stadium eyobhekana neKaizer Chiefs ngoba ayazi ikhathazo layo okungabalandeli lisuke lingekho.

Lokhu kushiwo yisihlabani seChiefs esingakaze sidlale phambi kwabalandeli baleli qembu kusukela sasayina kulo uKeagan Dolly.

Uthi lokhu kusiza amaqembu asuke ezodlala neChiefs ngoba akukho akwesabayo kwazise abalandeli basuke bengekho njengoba izwe lisavaliwe nje.

Ekhuluma ngaphambi komdlalo wabo weDStv Premiership neGolden Arrows kule nkundla edume umhlaba wonke, uDolly ukhale kakhulu ngabalandeli.

“Kuzoba wumdlalo onzima. Nokho vele ayisekho imidlalo elula manje kule ligi ikakhulukazi njengoba bengekho abalandeli,” kusho yena.

“Noma ngabe udlala kuphi kuyazifanela nje nokuthi usekhaya ngoba akusekho ngcindezi yabalandeli ikakhulukazi kulamaqembu okuthiwa mancane.

“Bafika la eFNB bafice kukhala ibhungezi bese bengezwa ngcindezi,” kuchaza lo mdlali osayine kwiChiefs ekuqaleni kwale sizini.

FUNDA NALA: UJordaan ufuna ize kuleli eyabesifazane ngo-2024

UDolly ufike nomehluko omkhulu kuMakhosi futhi ube nesandla ekutheni leli qembu likaStuart Baxter linonkele kwilogi.

“Senze kahle kakhulu kule midlalo embalwa edlule kanti lona ngomunye okumele sizimisele nakuwo, senze lokho esikuyalelwe abaqeqeshi.

“Okwamanje asizikhathazile ngokuzokwenzeka ekupheleni kwesizini nokuthi siyobe sikhuphi nelogi, sibheke ukwenza kahle nje umdlalo nomdlalo.

“Sikwenzile lokho kusukela sahlulwa kwiNedbank Cup. Mina ngikholwa wukuthi ngidlala kahle uma neqemu lidlala kahle.

“Futhi angiziboni kuyimi ngedwa okumele ashayele iqembu amagoli kodwa ngizibona njengomuntu okumele asize iqembu liwine.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.