UDolly uzisola ngokungasizi ngokwanele ukunqanda ihlazo kwiChiefs

UDolly uzisola ngokungasizi ngokwanele ukunqanda ihlazo kwiChiefs
UKeagan Dolly
OkaDonga Gumbi

UKeagan Dolly uthi uke aphaphame ebusuku azibuze ukuthi ngabe kwanele yini akwenzayo kwiKaizer Chiefs ukusiza leli qembu linqande ihlazo lokwanda kweminyaka ingabonwa indebe.

Amakhosi asezoqeda isizini yesishiyagalombili indebe ingaziwa eNaturena la ikhabethe okubekwa kulo izindebe seliphenduke ikomkhulu lezicabucabu.

Nakule le sizini iphinde yageja iChiefs njengoba into engcono esingayenza wukuqeda endaweni yesibili bese ibuyela kwiCaf Champions League ngesizini ezayo.

“Kusobala vele ukuthi ngeza kwiChiefs ngazi ukuthi iyiqembu elikhulu hhayi lapha eNingizimu Afrika kuphela kodwa nasezwenikazi lonkana.

“Ngakhula ngingumlandeli weChiefs ngibuka abadlali abafana nomqeqeshi (u-ArthurZwane) bewina izindebe ubuthaphuthaphu,” kusho uDolly kuleli viki.

“Njengoba ngiwazi umlando weqembu, ngafika ngazi ukuthi makhulu amathuba okuthi silwele futhi siwine izindebe.

“Asiwinanga lutho kule sizini futhi kunzima kimi ukukwamukela lokho ngenxa yezinga labadlali esinabo la eqenini.

“Kwesinye isikhathi ngiyaye ngihlale ngizibuze ukuthi, ‘ngabe ngenza okwanele kodwa njengomdlali ukusiza kulesi simo?’

“Kodwa ekugcineni akulele kimi noma kumdlali oyedwa, wumsebenzi weqembu lilonke,” kuchaza uDolly owayegijima kwiMamelodi Sundowns phambilini.

UDolly useshaye amagoli ayisishiyagalombili kwiDStv Premiership kule sizini yakhe yokuqala kwiChiefs. Nokho uthi lokho akubalulekile neze.  

FUNDA NALA: UTau useqanjwe igama elisha e-Egypt 

“Igoli engilishaye kwiMarumo Gallants kuleli viki lizishayise kuKhama Billiat ngaphambi kokuyonamathela enethini.

“Lokho kuyaveza ukuthi kwesinye isikhathi uyazakhela wena inhlanhla ebholeni. Mina angizibheki izibalo, uma ngishaye igoli noma ngisize ukulakha akusho lutho, okubalulekile wukuthi iqembu lenze njani.

“Uma iqembu lenza kahle kulapho ke nabadlali bezogqama ngayedwana. Kubaluleke iqembu okuyilona okumele lihambe phambili…”

UDolly uzobe ebheke ukuphoxa ezakhe zakudala iSundowns uma sebebhekene emdlalweni weligi eFNB Stadium ngeSonto ntambama. 

ISundowns isivele isiyiwinile iligi kule sizini kanti seyidallela ukuqeda imidlalo nje. Umdlalo obalulekile osele kwiSundowns ngowamanqamu kwiNedbank Cup. 

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.