UDolly weChiefs usebheke ukufukula iBafana

UDolly weChiefs usebheke ukufukula iBafana
UKeagan Dolly
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter 

Uzobuyela ehambela phezulu kwiBafana Bafana umdlali weKaizer Chiefs uKeagan Dolly ngemuva kokushaya amagoli amabili emdlalweni omkhulukazi kuleli, idabhi yaseSoweto.

UDolly nguyena osekhaleni lempi yokuvuselela iChiefs kule sizini futhi udlale kahle kakhulu behlula i-Orlando Pirates ngo 2-1 ngempelasonto.

Le wini ivuselele ithemba kuMakhosi okuthi nebala amathunzi aseyewukela kanti uDolly ukholwa wukuthi maduze nje bazobe bevuna izithelo zokuzikhandla kwabo.

“Ngemuva kwale wini enkulu kwidabhi yaseSoweto, sengijahe kabi ukubuyela kwiBafana,” kusho uDolly osevele usekhempini yaleli qembu likaHugo Broos. 

“Bekungokokuqala ngidlala kwidabhi futhi kube yinto emnandi kakhulu, ikakhulukazi ngoba siwinile.

“Lo mdlalo yinto engikade ngangifisa ukuba yingxenye yawo. Ngilitholile ithuba futhi ngashaya amagoli amabili.” 

UDolly uthi abadlali abasebancane uBroos akhombisa ukubethemba benza kahle kanti naye usebheke ukusiza lapho ezodingakala khona.  

“Ngijabule kabi ngokubuyela kuleli qembu leBafana. Yiqembu elibukeka liza kahle elinabadlali abasebancane abanenqaba yethalente.

“Baseza kahle kakhulu laba bafana futhi baphezulu eqoqweni labo,” kusho uDolly oke wangaqokwa kwiBafana ngoba engadlali eqenjini laseFrance abekulo phambilini.

“Mina engikuzele wukuthi ngisize lapho ngingakhona khona ukuzama ukusiza iqembu lidlulele esigabeni esilandelayo sokuhlungela iNdebe yoMhlaba.

FUNDA NALA: UBroos ukhaliswa eyokushoda konozinti kuleli

“Siyazi iZimbabwe yiqembu okunzima ukudlala nalo. Siyabazi abadlali bayo abaningi ngoba badlala khona la kwiPSL, sihlale sibabona njalo nje. 

“Kodwa uma singahlala kulokhu ebesilokhu sikwenza bese silwela ukuwina, sizophumelela,” kusho yena. 

IBafana izogadulisana neZimbabwe ngoLwesine ekhaya bese ivakashela iGhana ezobhekana nayo ngeSonto.

UMa inqobile kule midlalo iyobe seyidlulela emzuliswaneni wokugcina wokuhlunga bese uma nalapho kuyihambela kahle, ingene kwiNdebe yoMhlaba.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.