UDolly weChiefs uzobuyela eFrance

UKeagan Dolly
Sihle Ndlovu

UKeagan Dolly, weKaizer Chiefs, uthi ubengalindele ukuthi uzobuyela eFrance ngokushesha okungaka, kulandela ukusayina kuMakhosi.

“Kuyinto emnandi kakhulu ukubuyela emuva, ngiyobona izinkundla engike ngadlala kuzona. Mhlawumbe ngizobona nabantu engibaziyo baseFrance,” kusho uDolly.

UDolly useqenjini leBafana Bafana elizobhekana neFrance emdlalweni wobungani ngoMashi 29, eLille. Lo mdlali waMakhosi uke wahlala isikhathi eside eFrance, edlalela iMontpellier phakathi kuka-2017 no-2021.

“Ngizobhunga namajita, sikhulume ngakho konke engikwaziyo ngeFrance. Yiqembu elisha futhi sizobe sidlala nelinye lamaqembu aphezulu emhlabeni,” kusho uDolly.

“IFrance inabadlali abagijima kumaligi aphezulu emhlabeni. Kuzoba kuhle kithina ukuthi siye laphaya siyozibheka ukuthi sinjani uma sidlala namaqembu aphezulu.”

Lo mdlali uthe uyakujabulela kakhulu ukuthi iBafana izodlalela eLille, okuyidolobha alaziyo.

“I-Lille ayilona idolobha elikhulu kodwa ayiqhelile kakhulu kwiParis. Kukhona abadlali abambalwa abadlalele iLille esike saba nabo kwiMontpellier.

“ULebo Mothiba ukhule edlalela inkulisa yeLille, kanti ungifundise izinto eziningi ngeLille. Ngidlale kakhulu eFrance, ngiyazi ukuthi izinkundla zinjani. Okwami ukuthi ngiye lapho ngihole amajita, ngithemba kuzolunga.”

ILille izokwamukela iChelsea FC, yase-England, emdlalweni we-Uefa Champions League, ngoLwesithathu ngo-10 ebusuku. Emlenzeni wokuqala kuwine iChelsea ngo 2-0, eLondon.

“Ngicabanga ukuthi kula masizini amabili edlule akuyona iPSG kuphela ebilokhu ivelela emaqenjini aseFrance, kwiChampions League. Amaqembu afana neLille abelokhu ekhula futhi enabadlali abahle,” kuchaza uDolly, osuke kwiMamelodi Sundowns waya eFrance.

“Iligi ephezulu yakhona iyakhula kakhulu, futhi iningi labadlali lizokujabulela ukudlala eFrance.”

UDolly ungomunye wabadlali abanamava kwiBafana. Usedlale imidlalo engu-15 kwelesizwe, washaya amagoli amabili.

editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.