UDomingo uthi iSundowns izobuyisa amaphuzu ‘ewalahle’ kwiCity

UDomingo uthi iSundowns izobuyisa amaphuzu 'ewalahle' kwiCity
UHaashim Domingo
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Ungafunga ukuthi amaphuzu amabili iMamelodi Sundowns ‘ewalahle’ ngesikhathi ibambana neCape Town City ayilahlekesele ngesicoco.

Lokhu kungenxa yendlela umdlali wayo uHaashim Domingo abalise ngayo ngokuphuthwa amaphuzu amathathu kulo mdlalo weDStv Premiership.

ISundowns ibambane neCitizens ngo 0-0 kulo mdlalookusho ukuthi kunamaphuzu amabili ‘ewalahlile’.

“Ngifuna ukuqhubeka la ngigcine khona,” kusho uDomingo oqokwe njengobevelele kulo mdlalo odlule.

“Ngifuka ukwakhela phezu kwalokho emdlalweni olandelayo futhi kuzongenza ngizethembe emdlalweni ozayo.

“Kodwa okubaluleke kakhulu wukuthi sithole umphumela omuhle kulo mdlalo ozayo.

“Bekunzima futhi asikwazanga ukuthola umphumela omuhle sibhekene neCape Town City.

“Yingakho ke kulo ozayo kumele senze konke okusemandleni ukuqoqa amaphuzu amathathu.”

Lamaphuzu amabili ewashiye emuva eKapa awayiphazamisanga kangako iSundowns kwazise isaqhwakele futhi inegebe lamaphuzu amathathu.

Ngaphezu kwalokho isenomdlalo esalele ngawo emuva njengoba yona isadlale eyishumi futhi ayikehlulwa.

Lo mdlalo uDomingo afuna bekhiphele kuwo isibhongo awulula neze.

Bazobe bebhekene neomakhelwane babo baseTshwane iSuperSport United engelinye lamaqembu anzima kule sizini.

FUNDA NALA: UDolly uthi iChiefs ifuna ukuhlafuna konke okuphambi kwayo

“Silindele ukuthi bese ngqo kithi kulo mdlalo,” kusho yena ngalo mdlalo ozoba ngoLwesithathu ntambama.

“Bazosebenzisa isitayela samabhola amade bese bezama ukuthi uma libuya libuyele kubo bese behlasela sebeduze.

“Kuzomele sizivale izikhala singabavumeli bese kuba yithi esifika kuqala ebholeni ukuze sizame ukwakha iminyakazo yokuhlasela.”

AMatsatsantsa yiwona cishe awadinga kakhulu amaphuzu kulo mdlalo kwazise asaqoqe angu-18 kuphela emidlalweni engu-11.

Isalele ngayisishiyagalombili kwiSundowns ngemuva kokushaywa yiMarumo Gallants kungazelele muntu ngempelasonto edlule.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.