UDu Plessis usethi khumu emidlalweni yamaTest

UFaf du Plessis umemezele ukuthi usethi khumu emidlalweni yamaTest

SIHLE NDLOVU

Owayengukaputeni wamaProteas, uFaf du Plessis, usenqume ukuthi khumu emidlalweni yamaTest ngemuva kohambo obelungeluhle lweqembu lakuleli lwasePakistan.

AmaProteas abuye ePakistan enyobozela ngemuva kokushaywa ngo 2-0 emidlalweni yamaTest.

UDu Plessis, obesedlale amaTest angu-69, kuvela ukuthi ubezomemezela ukushiya kwakhe ngemuva kohambo lwe-Australia obeluza eNingizimu Afrika, olugcine lubhuntshile ngenxa yeCoronavirus.

Lo mdlali oneminyaka engu-36 udlale umdlalo wakhe wokuqala weTest amaProteas ebhekene ne-Australia e-Adelaide Oval ngo-2012. Kulo mdlalo washaya ama-run angu-110 engaphumanga kwi-innings yesibili, nokwenza ukuthi amaProteas adlale ngokulingana ne-Australia. INingizimu Afrika yagcina iluwinile uchungechunge lwemidlalo yamaTest ngemuva kokuwina umdlalo wokugcina ePerth.

AmaProteas abezodlala ne-Australia imidlalo emithathu yamaTest kusukela ekupheleni kukaFebhuwari kodwa iCricket Australia yanquma ukuluhlehlisa loluhambo ngemizuzu yokugcina, ngenxa yokusabela ukubheduka kabusha kweCovid-19 kuleli. Lokhu kubukeka kuyikona okwenze uDu Plessis wawajiba emgibeni manje amagilavu akhe ekudlaleni imidlalo yamaTest.

“Bengizimisele ngokuyivala ngochungechunge oluzayo lapho besizobhekana khona ne-Australia. Lapho bengizozizwa kahle ukuthi konke ngikuqede ngendlela. Benginalokho emqondweni nasenhliziyweni, yize kodwa indlela engiqede ngayo kungeyona ebengiyifuna kodwa kusekhona emqondweni lokho ebengikufisa,” kusho uDu Plessis kwi-Independent Media.

UDu Plessis uqokwe njengokaputeni weNingizimu Afrika kumaTest ngo-2016 ethatha izintambo kumngani wakhe u-AB de Villiers. Uyena yedwa ukaputeni wakuleli ukuwina uchungechunge lwemidlalo yamaTest ekuhambeni (ngo-2016) nasekhaya (ngo-2018) amaProteas ebhekene ne-Australia.

Irekhodi lakhe esaqala ukuhola amaProteas lalilihle kakhulu njengoba awina amaTest angu-17 kwawu-27 ngaphambi kuka-2019. Kuhambisana nokuwina kubhekenwe ne-Australia, uyena futhi obehola amaProteas ngesikhathi ewina ebhekene ne-India kuleli. Uyena futhi ukaputeni wokugcina ukuwinisa amaProteas ebhekene neNew Zealand, eyayikleliswe endaweni yokuqala, ekuhambeni kusukela ngo-2015.

Email: editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.