UDube nemizamo yokuvala ihlazo lokubhuntsha kwezimpi eKZN

Alfred Ngubane 

Ukubhuntsha kwezimpi zesibhakela KwaZulu-Natal sekusukumise imenenja yesibhakela emele iBoxing South Africa uMike Dube oseqhamuke nesu eliphusile lokugwema lesi simo.

UDube uthi abahleli bezimpi kumele bahlonyiswe ngemfundo esezingeni eliphezulu ngoba lokho ukubona njengehlazo elibi kakhulu ukubhuntsha kwezimpi.

Ukhuluma kanjena nje kusanda kubhintsha izimpi ezimqoka okuqale ngezeZDM Sotobe Boxing Promotions lapho bekumele kulwe intokazi yaseMgungundlovu uMapule Ngubane.

Kuphinde kwabhuntsha ezeStarline Boxing Promotions kanti nezeLudonga Boxing Promotions obekumele zilwe kule mpelasonto sezihlehlele ezayo.

Ngokuthola kweMpempe ngomthombo ongaphakathi kwiBoxing SA iKZN isiyinhlekisa ngokuhluleka ukuqhatha izimpi.

“Mina angazi ukuthi kulahlekephi ngoba lesi sifundazwe besenza kahle kakhulu. Bese silele endaweni yesithathu ezifundazweni ezenza kahle,” kusho lo mthombo.

“Kumanje amabhokisa aqhamuka kwezinye izifundazwe anokukhathazeka ngokubhuntsha kwezimpi ezeseka ngokuthi ayeka izimpi kwezinye izindawo amoshe isikhathi emajimini ezilungiselele izimpi.

“Kuyiqiniso lapha KwaZulu-Natal abahleli bakhona bayakhokha kahle kumabhokisa okuhamba kube yinkinga wukuthi awalapha akhokhelwa amakinati.

FUNDA NALA: AmaProteas athelwe ngehlazo yiNew Zealand

“Kuzomele bahlale phansi bakhuculule lolu tavatava elibaphethe ngoba sekubonakala kuvuka ukhondolo lweminyaka olwaqala qede kwaqhela abelungu esibhakeleni ngemuva kokhetho lwango-1994.

“Bazamile kakhulu abantu abafana noThulani “Nkunzi” Magudulela ongasekho emhlabeni namanje uZandile Malinga uyazama.

Kodwa kuzomele bayisukumele lento yabaxhasi bangathembeli emnyamgweni wezemidlalo ngoba nawo unotavatava lwawo,” kuphetha komthombo.

UDube uthe uzozama ukubalungiselela izifundo ezizobahlomisa abahlela izimpi ukuze bakwazi ukuzimela, bathole abaxhasi abazimele ukuze leli hlazo lingaqhubeki.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.