UDube uthi ubelicuthele ithuba lokudla ijezi kwiChiefs

UDube uthi ubelicuthele ithuba lokudla ijezi kwiChiefs
UThabani Dube
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Instagram

UThabani Dube ngomunye wabadlali obuyise ithemba kubalandeli beKaizer Chiefs ngesikhathi besayinwa yileli qembu.

Usayinwe elandela uNjabulo Ngcobo. Ukufika kwabo Kubuyise ithemba lokuthi bazokwazi ukuvala izimbobo ezikhona odongweni lwasemuva.

Phela kuthe besanda kufika nje kwiChiefs, babizelwa kwiBafana Bafana lapho befike badlaliswa bobabili emuva kwiCosafa Cup.

IBafana ize yawuqeda lo mqhudelwano ingazange ihlulwe futhi ingangenelwanga goli. Ukuxhumana kwabo kwabonakala kukuhle.

Nokho kwiChiefs umqeqeshi, uStuart Baxter useveze ukuthi uzobafaka uma sebejwayele kahle sebeyiqonda nendlela afuna iqembu lidlale ngayo.

UDube yena useke walithola kancane ijezi njengoba angena ngesiwombe sesibili ngesikhathi beshaya iBaroka FC.

“Kube mnandi kakhulu ukuthi kugcine kwenzekile (ukudlala okokuqala kwiChiefs),” ucashunwe esho kanje kwi-website yeChiefs,

“Bengazi ukuthi luzofika usuku lwami kodwa bengingazi ukuthi luzoba nini. Bekumele ngihlezi ngikulungele ukudlala. 

“Ngikabule ngendlela eyinqaba ukuthi sengiwudlalile umdlalo wami wokuqala osemthetwheni ngigqoke ijezi leKaizer Chiefs.”

FUNDA NALA: Uswele amaphiko avele andize uFaya ebizelwa eqenjini lesizwe

UDube kumanje usekhempini yeBafana njengoba izoqala umkhankaso wayo wokungena kwiNdebe yoMhlaba. 

“Ukubizwa eqenjini lesizwe yinto engenza ngizibone ngingumuntu phakathi kwabantu nami. Ukubizwa ukuba uzomela izwe yinto enkulu leyo.

“Yonke lento yenzeke ngokushesha. Ngidlale okokuqala kwiChiefs ezinsukwini ezimbalwa ezidlule kanti manje sengila eqenjini lesizwe.

“”Ngijabule kakhulu ukuba yingxenye yeqembu lesizwe kanti lesi yisikhathi senjabulo empilweni yami,” kuchaza uDube. 

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.