UDuduzane Zuma uzoxhasa izimpi zesibhakela

UDuduzane Zuma uzoxhasa izimpi zesibhakela
UDuduzane Zuma
UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Twitter

Indodana yalowo oke waba ngumengameli wezwe kuleli kodwa osathatha umhlalaphansi uJacob Zuma, uDuduzane Zuma wethembisa ukusiza ngokubuyisela isibhakela ebalazweni.

UDuduzane ube nengxoxo ekhethekile neMpempe ngesikhathi kuqhubeka izimpi zeMvelo Boxing Promotions eCity Hall yaseMgungundlovu ngeSonto.

Leli bhungu elingaconsi phansi ezintombini beliyisimenywa esikhethekile kulezi zimpi futhi nguye obenikeza abashayisibhakela abawinile amabhande abo.

Uveze uthando olubanzi lwesibhakela athi lwaqala kudala kusalwa izinkakha eifana noMike Tyson, Dingaan “Rose of Soweto” Thobela noThulani “Sugar Boy” Malinga.

“Uthando lwesibhakela lusuka kude kakhulu. Yingakho kuthe uma ngithola lesi simemo lapha ngeza ngishesha,” kusho uDuduzane.

Uveze nokuthi kukhona nomzala wakhe ongumshayisibhakela nokuyingakho naye esefuna ukusiza ekubuyiseni isithunzi salo mdlalo.

FUNDA NALA: UMotale uthi abanikwe umsebenzi ngokugcwele uNcikazi noDavids kwiBucs

“Umuntu wophinde wangisondeza esibhakeleni nguScelo Mzobe ongumzala wami,” kusho yena.

UMzobe uzalwa kwaMaphumulo kanti uyise kaDuduzane naye uzakwa yintombi yakhona kwaMzobe kule ndawo.

Uphinde wahlebela Impempe ukuthi khona maduze kunezimpi akazozixhasa ezihlelelwe ukuhlonipha amaqhawe abashayisibhakela alapha eNingizimu Afrika.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.