Udukele uMaMkhize wavumbuka kwiMaritzburg uMaduka

Udukele uMaMkhize wavumbuka kwiMaritzburg uMaduka
UJohn Maduka
Sihle Ndlovu

Kuphelile ukuqagela ngokumqeqeshi omusha weMaritzburg United ngesikhathi yethula ngokusemthethweni uJohn Maduka ngoLwesithathu emini.

UMaduka umangaze abaningi ngesikhathi elaxaza iRoyal AM enze kahle nayo ngesizini edlule. Nokho kucacile ukuthi kukhona iqembu aya kulona.

“Besinezicelo eziningi kanti esinye saso besivela kuyena lo ophambi kwenu,” kusho usihlalo weTeam of Choice uFarook Kadodia.

FUNDA NALA: Usale ekhungathekile owayedlala kwiChiefs entshontshelwa imoto nemali

“Asibanga nakho nokuncane ukungabaza futhi siyakholwa wukuthi uzokwenza lokhu esikufunayo eqenjini.”

UMaduka uzovala isikhathi esishiywe ngu-Ernst Middendorp, okhonjwa kwiSuperSport United. UDitheko Mathotho uyena ozosizana noMaduka, kanti laba sebeke basebenza ndawonye kwiBloemfontein Celtic.

“Ngicabange ukuthi ngenxa yengifuna ukukuzuza lena yindawo okumele ngibe kuyona. Ngikubhekile ukwenza umsebenzi engibekelwe wona,” kusho uMaduka.

“Ngithanda ukuthatha leli thuba ngibonge usihlalo nomphathi weqembu. Ngingakuqinisekisa ukuthi banike umsebenzi umuntu ofanele. Leli qembu lifanelwe okungcono kakhulu.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.