Udumalile uMama Joy ethukwa abalandeli bePirates e-Orlando

Udumalile uMama Joy ethukwa abalandeli bePirates e-Orlando
UMama Joy Chauke
OkaDonga Gumbi

Uthi ubeziyele e-Orlando Stadium ngoba ezithandela ukuba phakathi kwabalandeli kuculwe kube mnandi uMama Joy Chauke kodwa waphuma esedumele, ebambe izinyembezi.

Lo mlandeli ongomunye wabaziwayo kuleli ubeyobuka iqembu lakhe lakudala i-Orlando Pirates ngesikhathi libhekene neChippa United ngoLwesithathu.

Kodwa abalandeli bePirates bamjikelile, bamhhahhameza, bamthuka bembiza ngexoki baze baqamba nezingoma ezinamagala alumalayo ngaye.

Phela lo mlandeli ulaxaze iPirates ekuqaleni kwesizini wazinikela kwiRoyal AM kaShauwn Mkhize, ethi weseka inkosazana ezojika izinto ebholeni.

“Ngithukile ngesikhathi ngiye emdlalweni wePirates ngazithola sengihhahhanyezwa abalandeli,” usho kanje uMamaJoy kwabePhakaaathi.

“Bekungokokuqala ngibhekana nesimo esinjena, ukuthi kube yimi ohhahhanyezwa abalandeli.

“Kujwayeleke ukuthi abalandeli bahhahhameze abaladlali. Mina angazi ngenzeni ngize ngiphathwe kanjena nje.

“Ngisathuka namanje uma ngicabanga lento futhi angazi ngithini ngayo. Kodwa lento abayenzile ayiyinhle neze.

“Kumele bakuhloniphe futhi bakuqonde ukuthi ngakhetha iRoyal AM. Futhi ngihlale ngiya ezinkundleni ngoba sesivumelekile nje.

FUNDA NALA: UZwane ungene ezintangeni ngokungazwani kwakhe noBaxter kwiChiefs

“Bengingazitsheli ukuthi ukuya kwami e-Orlando kungaphetha ngaleya ndlela. Kodwa ngivele ngabalekelela nami ngacula ngesikhathi becula bethi ‘uMamaJoy o le menemene‘ (uMamaJoy uyixoki).

“Bengiyele ukuyocula, ngidanse nabalandeli sijabulela umdlalo. Ngiyile nasemdlalweni weSundowns weCaf kodwa angizange ngihhahhanyezwe.”

Uthe ngemuva komdlalo abanye babalandeli bePirates babe sebeza kuye bezocela ukushutha naye futhi bemnxenxa ukuba abuyele ekhaya.

“Okwenzekile wukuthi ngemuva komdlalo bangibiza bacela ukushutha nami izithombe futhi angizange nginqabe nami.

“Bebengitshela ukuthi bafuna ngibuyele ekhaya, kodwa ngabatshela ukuthi sengingoweRoyal AM manje.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *