UFadlu Davids noJosef Zinnbauer bayabuya kuleli

UFadlu Davids noJosef Zinnbauer bayabuya kuleli
UFadlu Davids noJosef Zinnbauer abebekwiLokomotiv Moscow

 

UFadlu Davids noJosef Zinnbauer abebeqeqesha kwi-Orlando Pirates phambilini kubhekwe ukuthi babuye kuleli bezophinde basebenze emaqenjini ePremier Soccer League. 

UZinnbauer ubengumqeqeshi kwiPirates ngesizini edlule elekelelwa nguDavids noMandla Ncikazi kodwa washiya kusanda kuqala isizini. 

Kube sekubanjiswa uDavids noNcikazi kwaze kwaphela isizini. Ekupheleni kwayo kuphele nenkontileka kaDavids ayangabe isavuselelwa. 

Ngemuva kokuhlala izinyangana, uvumbuke eseya kwiLokomotiv Moscow eRussia la abebizwe khona uye uJosef Zinnbauer ukuba azomsiza. 

Nokho abahlalanga isikhathi esitheni njengoba uZinnbauer esheshe waxoshwa kulandela imiphuemela engagculisi. 

Impempe seyingakuveza ukuthi bobabili laba bakhuza ibuya kuleli kodw abazosebenza emqenjini ehlukene manje. 

Njengoba iMaritzburg United seyikuqinisekisile nje ukuthi uJohn “Vul’igate” Maduka usevulelwe isango lokuba aphume aphele kuleli qembu, sekulindeleke yethule uFadlu Davids. 

ITeam of Choice ikhiphe isitatimende ngoLwesine iqinisekisa isindaba zokuhamba kukaMaduka. 

“Sifisa ukumbonga uJohn nethimba lakhe ngemizamo yabo futhi sibafisela okuhle kodwa ukuya phambili,” lisho kanje leli qembu esitatimendeni. 

Usihlalo uFarook Kadodia uthe: “Ibhodi elengamele iqembu lithathe lesi sinqumo ngemuva kokuhlola imiphumela nendlela iqembu elidlala ngayo kusukela ekuqaleni kwesizini.

“Ngesikhathi siqasha uJohn ekuqaleni kwesizini umbandela abekelwa wona ngowokuthi iqembu lidlale kangcono futhi lithole imiphumela ehjabulisayo.

FUNDA NALA: Usefuna ukushiya kwi-Orlando Pirates oseligcina linekiwe ijezi

“Nokho lokho akwenzekanga futhi sibona leli khefu leNdebe yoMhlaba liyisikhathi esihle sokuthi senze lolu guquko.” 

UZinnbauer yena kulindeleke ukuthi abuye kuleli ezosebenza kwiCape Town City la kubukeka ikusasa lika-Eric Tinkler limfiliba impela. 

Leli qembu liyehluleka kule sizini ukubuyela efomini ebelikuyo ngesizini edlule nosekwenze abaphathi basifakele izibuko isimo seqembu. 

Akukacaci ke nokho ukuthi uTinkler uzokhonjwa indlela noma uzobe esecelwa ukuthi ashenxe bese esebenzisana noZinnbauer. 

Sbongs Gumbi

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *