Ufake onozinti ababili beChiefs uBroos kwazohlunga kulo eleBafana

Ufake onozinti ababili beChiefs uBroos kwazohlunga kulo eleBafana
UHugo Broos
OkaDonga Gumbi

Ulihlanganise ngenye indlela engajwayelekile iqembu lakhe umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos efaka onozinti ababili beqembu elilodwa.

UBroos uqoke iqembu okuyilo azobe esehlunga kulo azodlala ngalo imidlalo yokuhlungela iCaf Africa Cup of Nations ngoJuni.

UBruce Bvuma ubelokhu engena kwiBafana yize ebengadlali kwiChiefs ngaleso sikhathi kanti nakulokhu ubuyile.

Kodwa kulokhu uphelezelwa nguzakwabo kuyo iChiefs uBrandon Petersen obekunguye obedlala njalo iChiefs isaphekwa nguStuart Baxter.

Uphinde wafaka noSiyabonga Ngezana kuleli qembu, washiya ngaphandle uNjabulo Ngcobo noThabani Dube abebalanda phambilini.

UBroos uphinde wabuyisa noThembinkosi Lorch we-Orlando Pirates osanda kubuya ekulimaleni obekumhlalise isikhathi eside engadlali.

Nokho ukuziba kwakhe abanye babadlali beMamelodi Sundowns abanjengo-Andile Jali noThemba Zwane cishe kusazoqubula izimpikiswano ngallei qembu.

IPirates neSundowns yibona abanabadlali abaningi kuleli qembu likaBroos nengoba iqembu ngalinye linabayisithupha, balandelwa yiChiefs ngabahlanu.

FUNDA NALA: UTinkler, uShalulile noDolly badle izindondo zePSL zika-Ephreli

UBroos ulimemezele ngoMsombuluko ntambama leli qembu alinabadlali abangu-36 azokhetha kubo abangu-26 abazodlala imidlao yokuhlunga ngoJuni.

IBafana izogadulisana neMorocco ngoJuni 9 ekuhambeni bese kuthi ngoJuni 13 ibhekane neZimbabwe ekhaya eFNB Stadium.

Lime kanje selilonke leli qembu:

Onozinti: Ronwen Williams, Veli Mothwa, Bruce Bvuma, Brandon Petersen

Izitobha: Sydney Mobbie, Khuliso MUdau, Bandile Shandu, Grant Kekana, Thibang Phete, Siyabonga Ngezana, Taariq Fielies, Luke Fleurs, Athenkosi Mcaba, Thabani Zuke, Terrence Mashego, Lyle Lakay. Innocent Maela. Aubrey Modiba

Abasesiswini: Siphephelo SIthole, Goodman Mosele, Fortune Makaringe, Thabang Monare, Yusuf Maart, Lebogang Maboe, Phathutshedzo Nange, Jesse Donn, Mduduzi Mdantsane, Thapelo Morena

Abagadli: Thembinkosi Lorch, Ashely Du Preez, Keagan Solly, Evidence Makgopa, Khanyisa Mayo, Fagrie Lakay, Lyle Foster, Bongokuhle Hlongwane, Percy Tau, Pule Mmodi

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.