UFassi akayona i-‘weekend special’ uya kude nelombhoxo

UFassi akayona i-'weekend special' uya kude nelombhoxo
U-Aphelele "Weekend Special" Fassi
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Ukhombisa izimpawu zokuthi uya kude kakhulu umdlali weCell C Sharks osemncane, u-Aphelele “Weekend Special” Fassi, okumanje usekhempini yeqembu lesizwe amaBhokobhoko.

UFassi, oneminyaka engu-23, ushaye i-try yokuqala amaBhokobhoko ebhaxabula iGeorgia ngo 40-9 eLoftus Stadium, ngoLwesihlanu. Ngaphandle kokushaya le try, uFassi ube nomdlalo omuhle kakhulu, ekhombisa okukhulu ukukhululeka.

Ubeqala ukudlalela iqembu lesizwe kanti ubeyibambe ophondweni lwesokunxele (kunombolo 11). Ngokuvamisile kwiSharks uyibamba kunombolo 15 (full back), kanti uyakwazi nokudlala kunombolo 10 (fly half).

UFassi unejubane kanti okumenza abe ngumdlali okhethekile ukuthi muhle nasonyaweni, ikakhulukazi uma kumele aphase ibhola. Emdlalweni wangoLwesihlanu kucacile nokho ukuthi amaBhokobhoko abengewona umshini.

Lokhu bekungenxa yokuthi abedlala umdlalo wokuqala selokhu aba ngompetha bomhlaba ngoNovemba 2019. Lokhu kuhlaluke ngamaphutha enziwe yiqembu lakuleli ngesiwombe sokuqala lidedela amaphenathi kalula engxenyeni yalo.

Nokho kubukeke kuba ngcono ngesiwombe sesibili, abadlali sebekhombisa ukuhlangana. Empeleni ngesiwombe sesibili umdlalo ubusengxenyeni yeGeorgia nokuholele ekutheni iqembu lakuleli ligcine lihlohla ama-try ayisithupha kulo mdlalo.

FUNDA NALA: Belule izinkontileka bejahe owamanqamu weCAF abeChiefs

USiyamthanda Kolisi nguyena obengukaputeni kanti uwudlale wawuqeda umdlalo. La maqembu azophinde atholane phezulu kwiTest yesibili e-Airlines Emirates (Ellis Park) Stadium, ngoLwesihlanu ngo-6 ntambama.

Ngemuva kwalokho iNingizimu Afrika izobe isibheke ukubhekana neBritish & Irish Lions. Ngaphambi kwalokho amaBhubesi azoqale abhekane neLions, Stormers, Sharks neBulls, okungamaqembu aseNingizimu Afrika ahamba phambili ebholeni lombhoxo.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.